Philani!

.

Ndodana!

[Le ncwadi ngiyichoma kuleli shashalazi lami lasomoyeni ukuze nabanye engixhumene nabo bakwazi ukuzifundela yona uma bethanda].

Bese siside isikhathi ngagcina ukukhuluma isiZulu; ngithokozé kakhulu ukuxoxa nawe ocingweni. Siyabonga ngemikhonzo nangezilokotho; sikhonzele nathi kini nonke ngapho ngokunjalo – eBaQulusini, eGoli, eMpumalanga, eMahlabathini, eMgungundlovu, eMtshezi, eThekwini, eMsinga, KwaZulu … Kudle kuzibekela!

Isabambé ngakho nangakithi. Amalungiselelo okuthutha aqhubeka kahle: Sesisithengisile isiza sakwethu kwaMachanca; sesiphemba esisha edolobheni laseOldenburg – “eKhaya”, lapho abazukulu kanye nani seniyosivakashela khona ngokuzayo.

Ekubonaneni kwethu eBaQulusini muva-nje  besimaphaph’ aphezulu ngenxa yezinxushunxushu emphakathini nakwezepolitiki, sethemba ukuthi lizogcina lidume ledlulisa. Ethutshaneni elifushane-nje kusukela lapho, sesidlondlobele cishe ngokuthuthumelisayo isimo emhlabeni – kuyaqwagayiswana, kuyachukuluzwana, kuyasongelwana, kuyavivelwana, kuyahlonyelwana, kuyahlaselwana, kuyabulawana … – baningi abalala bengadlile, abalilayo, abantulayo, abafayo bebulewe – kwelakithi, eYurophu, eMelika …  ! Itshe limi ngothi!

KZN 10.-14.09.2015 541

Asethembe, Ndodana, ukuthi lizodaleka isu, zixazululeke nalezi zinkinga, uphephe umhlaba. Sesethembele kini, Bantwabethu, nakubazukulu bethu. Sekusezandleni zenu nezabo ukuqhubeka lapho umzabalazo wagcina usifikisé khona [eNingizimu-Afrika ngowe-1994; eJalimane ngowe-1945/1949] – embusweni wentando yeningi, kukhululekiwe, kulingwana.

P h a m b i l i !

Ekuhlanganiseni kwami owamashumi ayisithupha nesithupha [66] muva-nje, ngidumisa oPhezukonke, ngibonga abakithi, ngomusa nezinhlanhla nezibusiso engizemukele empilweni nasemzabalazweni – mina nomndeni nathi sonke – kuze kube namuhla, ngaze ngaphila ezikhathini zokuhlalisana ngokwazisana nokubonelelana emphakathini – ezikhathini zombuso wentando yeningi kwelakithi eNingizimu-Afrika, eJalimane nakwamanye!

Philani!

YithieKhaya”.

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner