Amanzi eNgonyama – ishashalazi lokuqala

UBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu bakwaKhumalo eBaQulusini usixoxela ekwaMachanca eJalimane, uthi:

 Ebunganeni bami [1950-1960] wawuphumela phandle-nje ebaleni, bese uhambahamba-nje, uqhele kwabanye ubafulathele bese uzikhulula, uchame.

Uma uyintombazana, wawuguqa noma uqoshame; uma ungumfana, wawuguqa ngadolo-linye noma uchame-nje bume.  NakwaMlungu eplazini kusetshenzwa, nasesikolweni kwakunjalo-nje.  Ngabamhlophe kuphela obungababoni bekhululeke njengathi.

Sengikhulakhulile [1961- ]  ngase ngiyaye ngivuke ekuseni ngihambe nabanye, siye esikolweni esasikude nasekhaya – endawaneni okwakuthiwa khona kuseLokshini [„location“].  Kuleso sikole kwakunezindlwana okwakufanele siye kuzo uma siphisiwe, sifuna ukuzikhulula – ezazibizwa ngokuthi ngamabhosi [amathoylethe, „toilets“].  Ababesifundisa kulesi sikole, oThisha noMisi noMemu, babesikhumbuza nsukuzonke bethi „akukho kini lapha!“, besigqugquzela nsukuzonke ukuthi singalokothi sichame egcekeni njengoba nabo kanye nathi sasihlale senza uma singekho eskolweni.  Yilowo nalowo kwakufanele ejwayele ukuya ebhoshi!

Uma kwenzeka uphiswa singakashayi isikhathi enivunyelwe ngaso ukuthatha ikhefu – ilisese (recess) – , uma-ke ungasakwazi ukuzibamba, wawuphuthuma kuMisi, umcele ukuthi akudedele uyozikhulula, ucele „uMgo-Awuthi“, uthi „Please Miss, may I go out!“

Omama nobaba nabo bonke abantu abadala babezikhulelukele njengathi, beyisibonelo. Ukubona uMama noma uBaba – uGogo noma uMkhulu noma ngubani-nje omunye omdala –  ephuma, eyochama phandle, kwakungento etheni. Babephuma,  nabo bayochama njengoba nathi sonke sasikhule sibonela kubo ukuthi kwenziwa njalo uma uphisiwe – ngokuzithoba emphakathini kuhlonishwana.

[Umlando osaqhubekayo]

Ein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »Amanzi eNgonyama – ishashalazi lokuqala«

  1. I need to hear more of this

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner