uBayede eYurophu

uBayede eYurophu 15-28.02.2015

Kulezi zinsuku [15 – 28.02.2015] elaseJalimane livakashelwé yiqembu lezintombi nezinsizwa ezihlabelelayo zaseNingizimu-Afrika, kwaZulu-Natali, “uBayede”, emenywé yiqembu labahlabeleli esifundeni saseOstfriesland kwelaseJalimane, iNeue Toene, elalikade libavakashele kwelakubo eBaQulusini muva-nje.  Nathi-ke besisemcimbini ebelidlala kuwo leli qembu labahlabeleli “uBayede” eDelmenhorst, khona lapha eJalimane, ngoMgqibelo zingamashumi amabili nanye kwephezulu [21.02.2015] obekungumcimbi abebewuhlelelwé ngelinye yiqembu lezihlabeleli langapha abazana nalo, uShosholoza, njengoba sesiloba lo mbiko-nje:

Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komdlalo wabo eshashalazini, uBayede uyiqembu elingabuzwa ukuthi liqhamuka ezwenikazi iAfrika – ngendlela elihlobé ngayo, elihlabelela lisina ngayo nelincokola libukisa ngayo.  Obukayo nolalele, uzizwa ecathuliswa, ekhonjiswa, exoxelwa okuningi angakwazi noma akwazi-nje ngokungaphelele okuyigugu kubadlali baleli qembu. Yizintombi nezinsizwa zakwaZulu eAfrika lezi! Sesifikile isikhathi sokuthi bazikhulumele bona, abaseAfrika, bazethule bona ngokwabo emphakathini nasemhlabeni wonke ngokuzazi nokuzazisa kwabo beyingxenye yomphakathi wonke kwelakubo nasemhlabeni jikelele!

Omunye angabuza ukuthi kungani lezi zintombi nezinsizwa zikhuleka, zidumisa iSilo ezikhathini zombuso wentando yeningi.  Zibambelele emuva, zikhalela okwezolo osekwedlula?  Qha! UBayede ukhuleka wazisa iSilo njengoba kufanele ngokomthethosisekelo sombuso wentando yeningi eNingizimu-Afrika entsha lapho iSilo singuMhlonishwa ngokoMthethosisekelo [constitutional mornach] njengamakwanye amazwe (eNgilandi, eSwidi nakwamanye).  Umthethosisekelo wakwelaseNingizimu-Afrika entsha uvulela umphakathi ithuba lokwahlukana nezikhathi zokucindezelwa nokugciwazwa kusukela ekuvinjezelweni nasekuhlwithweni kwezwe [colonialism] kuze kube sekubusweni ngobandlululo nonya [apartheid] esikhathini esiphambili [1652-1994]; umphakathi waseNingizimu-Afrika uzakha kabusha, usukuma phansi ngokwawo, uyacathulisana ukuxhumana nomhlaba njengontanga nomakhelwane abazisanayo – abakwaZulu eAfrika namaOstfriese eJalimane, namaJalimane eYurophu ngokunjalo!

Unyawo oluthathwa nguBayede ngokukhumbuzana ngobuhle bakwelakubo obasebugciné sebucishé bafiphala, baphenduka inhlekisa ezikhathini zengcindezelo [1652-1994], luyancomeka. Luhambisana nesifiso sokuzithanda nokuzazisa njengengxenye yoNtu lonke emhlabeni jikelele njengoba kwakusho intanga yoyise nonina ngezikhathi zeBlack Consciousness Movement kuqwagayiswana kumelwene nobandlululo nengcindezelo ye-apartheid. Lobu buZulu abakwaBayede abayibo, ubuZulu obedlulé kulowo mzabalazo, babamba iqhaza ekukhululweni kwezwe nasekwakhiweni komthethosisekelo kanye nasekuphathweni nasekuqhutshweni kombuso wentando yeningi selokhu wasuka phansi [1994] – ubuZulu eAfrika !  Izingxenye zonkana zomphakathi kwelaseNingizimu-Afrika zingakhuthazeka ngalesi sibonelo seqembu lakwaBayede ukuthi ziqhubeke ekukhuthaleleni ukubhobokelana nokwazisana – simunye!

Zenza kahle izintombi nezinsizwa zakwaBayede ngokubingelela ngolunye ulwimi ekuqaleni komcimbi uma zidlala emphakathini oqhelile kowakwabo; eYurophu bezibingelela zichazachaze ngolwesiNgisi. Kuthi nòma sezithinta amaphuzu abalulekile – “umlando”, “abaphansi”, “umnyama”, “ukuqomisa” – kuzwakale ngaphandle kokuhunyushelwa. Benze njalo nabo bonke abaye – amaJalimane eYurophu ngokunjalo. Obukayo nolalele uzizwa ephelekezelwa ngesineke ukuyozibonela azizwele ngamagugu nangobuhle nangezingqinamba kwelakwaZulu eAfrika abengazazi nona abezazi-nje ngenzwabethi. Kufana nohambo kwelikude obuya kulo ugcwele ngokukuhlabé umxhwele kanye nokuningi nawe ogciné ungazi noma ukuqondisisé kahle hle. Ubugagu obuncomekayo lobo!

Zemukelisana ngobunono nangomoya omuhle izintombi nezinsizwa zakwaBayede kwezikwenzayo kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komcimbi.  Yikhono eliphambili kakhulu lelo kwezobuholi – ikhono lokuziphatha kubanjiswene, kwaziswana, kubonelelwana.  Obukayo nolalelayo uthola isifundo ngenqubo kwelakwaZulu eAfrika, aqale ukuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuthi “akundlovu yasindwa ngumboko wayo” nokuthi “akwedlulwa ngendlu yakhiwa” – aqale ukuqonda ukuthi kusuke kuthiwani uma kuthiwa “umuntu ngumuntu ngabantu”, uma kukhulunywa ngobuNtu.  Yisibonelo esikhulu leso esiqhakanyiswa ngabakwaBayede, sokukhuluma ngezenzo.

AbaseOstfriesland eJalimane lapho iQembu leziKhuthali lakwaBayede lihambele khona nonyaka [2015] bagculiswa ukubona izintombi nezinsizwa ezivela ezweni elikhululekileyo kwelaseAfrika – ezithi zinomusa nesizotha ekukhulumeni nasekuxoxeni kwazo, zibe zinokuzithanda nokuzazi okukhombisa ukukhululeka engqondweni, ukukhululeka komuntu ovela emphakathini okhululekile kwelibuswa ngentando yeningi.  Ziphuma zilingane nazo zonke ezinye izintombi nezinsizwa nakuleli laseJalimane eYurophu izintombi nezinsizwa zakwaZulu eAfrika!

Phambili, Bayede! I-Afrika ibuyelwa yisithunzi nokwaziseka ngani.

nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu waseBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] www.biblia-zuluensis.de

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner