iHlambo

eBERLIN, mhla ka-29.08.2018, ngo-10:30: EBandleni leSonto iFriedrichskirche kuzobe kuhlangene abaqhamuka kwelaseNamibia nabaseJalimane kanye nabahlobo nabaphelekezeli babo enkonzweni yesikhumbuzo eyolandelwa yisinyathelo sokufeza isiko lokubuyisela ekhaya ngesizotha amathambo nezicubu zezidumbu  ezazikade zafika kwelaseJalimane nababekade bezithumbé kwelaNamibia, eGerman South-West Africa, ngezikhathi zengcindezelo [colonialism: 1884-1919].

Belu: Lo mkhuba wokucuya nokuthumba izidumbu, okwakuthiwa ziyocwaningelwa ukuthuthukisa ulwazi nezochwephesho [„research“] phesheya, wawusuwandile impela-nje ngezikhathi zengcindezelo kwelaNamibia, eGerman South-West Africa [1884-1919].

Sekungokwesithathu-ke manje emva konyaka ka-2011 noka-2014 ukuthi amathambo nezicubu nezidumbu ezazithunjelwe neno ziphindele kwelakubo, ziphelekezelwa ngabozalo nabasemphakathini wakubo kanye nabasemaSontweni nabamele uhulumeni wakubo nowangapha.

nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini
eseKhaya/eJalimane

>> deutsch

Ein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »iHlambo«

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner