Kwethu

uMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini (1965)

UMama [uMaZungu wakwaKhumalo (1922-2001] wasishiya nomlando womndeni wakwethu, >>isidindi somtshiki„, ayesilobelé wona elekelelwa ephelekezelwa ngabantwabake, oBheni (*1950) noUbbo(*1939) noNomusa (1962-2006).

Kulo mlando uMaZungu uxoxa ngekhaya, ngomuzi, nangomndeni owaphembeka, wakhula kusukela ekubonaneni nasekugananeni kwakhe [1940] nensizwa yakwaKhumalo kwelaseMahlabathini, uMkhulunyelwa (1918-1990), nasekuphembeni kwabo kwenxiwa nekhaya KwaBhanya [1941].

Izikhathi zobungane KwaBambelentulo kwelaseBaQulusini (1922 …), imindundu yeminyaka phansi kombuso wobandlululo nowengcindenzelo ye-apartheid (1948-1994) kuze kufike „ezikhathini zempilo ethokozisayo sekukhululekiwe“ eNingizimu-Afrika entsha (1994 …) – uMaZungu usixoxela konke lokho azalelwa, wakhulela kukho, wakwakha, wakuthuthukisa, wabhekana nakho, wakuzabalazela, wakulwela, wakubekezelela, wakwehlula, wakuthokozela, wakuthakasela …

Abomndeni nezihlobo sebengawuthola bazifundele lo mlando wakwethu >> eKhaya 

incwadi >> uMama_19.11.1993

|

>> iNkonzo yokuBonga nokuValelisa kuMaZungu_[I]

>> iNkonzo yokuBonga nokuValelisa kuMaZungu_[II]

>> iNkonzo yokuBonga nokuValelisa kuMaZungu_[III]

>> iNkonzo yokuBonga nokuValelisa kuMaZungu_[IV]

 

>>iziThombe zethu | unser Fotoalbum

enxiweni laseKhaya KwaBhanya (2007)              

4 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »Kwethu«

  1. […] Eminyakeni emibili edlule, sihlanganiswe yisililo ngokushiywa kwethu nguMdu [26.11.2015], ngavuka ekuseni ngayokhuleka engcwabeni likaGogo, uHluphekile uKaMhlungu wakwaZungu, umphembi walesi siza esazalelwa sakhulela kuso thina zelamani zikaMaZungu noNtabayezulu, esaze sachithwa saxoshwa khona ngowe-1963. […]

  2. […] ezazingelula, sesachithwa emanxiweni akwethu kwaBhanya, sayoquba eMathendeni, sedlulela eLokshini, sedlulela eMondlo […]

  3. […] ngizoqhuba ngaso nami: Wonke umzukulu wami oyintombazane, ngimetha elidumisa uninakhulu, uMaZungu osizalayo – ngimetha ngithi unguNdindi = Catherine; wonke umzukulu wami ongumfana, ngimetha elidumisa […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner