eKhaya kwaBhanya

Bakwethu!

Ngiyabonga ngokungibikela ngesimo esesivele enxiweni lakwethu kwaBhanya.

Eminyakeni emibili edlule, sihlanganiswe yisililo ngokushiywa kwethu nguMdu [26.11.2015], ngavuka ekuseni ngayokhuleka engcwabeni likaGogo, uHluphekile uKaMhlungu wakwaZungu, umphembi walesi siza esazalelwa sakhulela kuso thina zelamani zikaMaZungu noNtabayezulu, esaze sachithwa saxoshwa khona ngowe-1963.

Emizukuzukwini yeminyaka size sithole inkululeko ngokufika kombuso wentando yeningi [1994] inxiwa lakwethu lase laba yingxenye yeplazi leBhunu, esabesingasakwazi nokuyosondela ngisho nasemangcwabeni akwethu asala khona.

Ekuvakasheni kwethu kokuqala emva kwalokho [1996] saphelekezelana noMama nabafowethu nodadewethu kanye noUbbo, sayokhumbuzana, sikhombisana amanxiwa namaliba akwethu, ngase ngixhumana nabameli abangihlanganisa neBhunu leli nxiwa lakwethu elaselikade lanikwa lona emva kokwephucwa kwethu [1963], sasayina kubameli isivumelwano selungelo lokulithenga-ke manje inxiwa lakwethu. …

Kusukela lapho-ke – njengoba nazi – sekukaningi sidamane siphuma nabantwana nabazukulu nezihlobo nabangani abaqhamuka neno naphesheya, siyozihlanganela emabaleni akwethu kwaBhanya, sibuse, sithokozele ukubona les izikhathi zombuso wentando yeningi kwelakithi okhokho bethu abawuzabalazela kanzima kangaka – sihlabelele sithi „Lihle leli zwe, osiphé lona!“ … …

Asethembe ukuthi nangomuso amanxiwa namaliba akwethu ayohlala eyisikhumbuzo nenkuthazo kubo bonke abedlula khona.

Siyakhonza!
Yithi eKhaya eJalimane

>> iziThombe zethu | unser Fotoalbum

3 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »eKhaya kwaBhanya«

  1. […] Abomndeni nezihlobo sebengawuthola bazifundele lo mlando wakwethu >> eKhaya  […]

  2. […] noMvikeli lona Owasophula nasolakeni lwabacindezeli Wasihlwitha nakosondonzima bogandaganda babo sebesemabaleni kwaBhanya Wasichushisa, sasinda Wasiweza ngelibanzi, sasukuma sacathulisana Sakha kabusha, sahluma, […]

  3. […] ngizoqhuba ngaso nami: Wonke umzukulu wami oyintombazane, ngimetha elidumisa uninakhulu, uMaZungu osizalayo – ngimetha ngithi unguNdindi = Catherine; wonke umzukulu wami ongumfana, ngimetha elidumisa […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner