Izithakazelo zabakwaKhumalo

Mntungwa!

Mbulazi!

Mzilikazi!

Mashobana!

Donda!
Wen’ oth’ udl’ umunt’ ub’ umyenga ngendaba!

Mzilikazi kaMashobana!
Wen’ owal’ ukudl’ umlenze kwaBulawayo!

Bheje!
Owabhej’ eNgome kwabonakala.

Mabaso!
Owabas’ entabeni, Kwadliw’ ilanga lishona!

Mkhatshwa!

Wen‘ okhatshwa ngezinde nezimaqhukuvana!

Wena kaMawela,
Owawel’ iZambezi ngezikhali!
Wena kaNkomo-zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome!

Kekela kaNgobe ongenalulak’ emntwini;
ulaka lwakhe ukuncintshana!

Sonan’ esingoni lutho

Okwemihlambi yezinyamazane eyahamba yalal’ emfuleni!

Lulwandle kaluwelwa,
Luwelwa zinkonjane, zona ziphapha phezulu!

MaNtungw’ ancwaba;
zindlov’ ezibantu!
Zindlov’ ezimacocombela!

Nin’ enehla ngesilulu;
MaNtungw’ aluhlaza!

Maqhaw’ amakhulu, ehlul’ abeSuthu
NoShak’ engazang’ abehlule!

MaNtungw’ adl’ izimfe zimbili;
ikhambi laphuma lilinye!

Nin’ enal’ ukudl’ umlenze kwaBulawayo!
Nin’ enahlubuk’ eNdlunkulu kaZulu;
nenyuka nezwe! Mbulazi!

>> IZITHAKAZELO

 >>> Izithakazelo zabakwaKhumalo

2 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »Izithakazelo zabakwaKhumalo«

  1. […] Donda! Wen‘ owadl‘ izimf‘ ezimbili; ikhambi laphuma lilinye! […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner