UNtabayezulu kanye noMadiba: *1918 –

uNtabayezulu 1918-1990

UNtabayezulu ozala thina noRolihlahla Mandela, uMadiba, abazange babonane ngawenyama, nòma babentanga nye; nabo bebezobe behlanganisa owekhulu [100] nonyaka.

Emadlelweni akwelaseDlebe, emathafeni angaphesheya nanganeno kweMfolozi eMnyama kwelaseMahlabathini yayelusa lapho le nsizwa ezala thina ekukhuleni kwayo kusukela ekwedluliseni kweMpi yoMhlaba yokuQala [1918]  –  kwawaseQunu, ezansi nezwe, ekaMadiba.

Ihlangana yehlukane phi imizila nemikhondo ebunganeni nasekukhuleni kanye nasemzabalazweni wansukuzonke empilweni yalezi zinsizwa ebesizobe sizihalalisela kanyekanye nonyaka?  

Kwakungobani labo? – uMkhulunyelwa wakwaKhumalo; uRolihlahla wakwaMandela.

uMadiba 1918-2013

*

UMkhulunyelwa [uJonathan Mkhulunyelwa Khumalo, 1918-1990] wayeké axoxe, akhumbule, ethi:

“Ebunganeni nasekukhuleni kwami zazingaziwa izikole kwelakithi – sakhula sizidlalela-nje ebaleni, selusa, sizigangela nontanga emahlangeni nasehlanzeni,  siziqomisela, siqonywa, … kanti-ke futhi sinemfundisos i h l o n i p h a   – abazali nawo wonke-nje umuntu omdala, s i n e s i m i l o,  sazisana.

Kwahamba kwahamba kwaba sengathi sesisunduzelwe, sagalakadela eweni elijulile, elinenkungu namalangabi nezikhukhula ezingenamkhawulo – imithetho yobandlululo nengcindezelo:

°uKhanda-Mpondo: Satshelwa ukuthi lowo nalowo wontanga yethu wesilisa ongasengané sekufanele naye – njengoyise – ayothelela ikhanda lakhe kwaNdabazabantu  –  uMpondo!  Oyobe engakatheli, wayeseyisiboshwa!

[Yisho-ke: Uzowuthatha phi uMpondo njengoba uqashwé ngumlungu, umsebenzela, ekuholela uSheleni ngeSonto [ngeViki]? Kwakungafanela usebenze okungenani amaviki alishumi [10] – ungadli, ungaphuzi lutho – ukuze ukwazi ukuliphindisela lonke iholo lakho kubelungu kwaNdabazabantu njengenkokhelo yentela yekhanda obulokhu uyijulukela sonke lesi sikhathi. Ngonyaka olandelayo ngokunjalo!

°uDom-Pasi: …

Ingxoxo iyaqhubeka >>>

 

Yithi
Izelamani zikaMkhulunyekwa noMaZungu bakwaKhumalo eBaQulusini [2018]

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner