uBongani wakwaKhumalo eBaQulusini/eGauteng_[1952-2020]
insizwa kaMkhulunyelwa, umfana kaNdindi,
uMQulusi , uMzansi
|
ngumuntu
olungile, onomusa – onomoya omuhle;
oqotho, onesimilo,
onogazi;
ohloniphayo nohlonishwayo
ozithobayo, onemfundiso.
|
ngumuntu
okhuthele, onekhono, onokuzimisela nonentshisekelo;
ngumakhi nomeluleki
onengqondo, onezikhwepha, onomfutho, onesibindi,
ophembayo, ovuthelelayo, ofukulayo,
ovuselelayo.
|
ngumuntu
oyigagu, oyinono, ocophelelayo,
ocwaningisayo, ohlolisisayo,
igcokama;
ikholwa eliyisibonelo – isethenjwa.
|
ngumuntu
oneso, onesandla, onenhliziyo ehle;
obonelelayo, obekezelelayo,
onesihe, onozwelo;
ocebisayo, oxolelayo.
|
ngumuntu
ongumhlahlandlela,
obona kude,
iqhawe – ingqwele!
M z i l i k a z i !
30.12.2020
> ezinye zezithombe zakhe | einige Aufnahmen von ihm
> 06.01.2021_eKhaya eGoli
> Ngubani lo? | Wer ist dieser? Mzi
> PressReader Sunday Times Sunday 10 January 2021
>25.02.2021: Mbonge uJehova mphefumulo wami | Lobe Gott meine Seele
*
>> iziThombe zethu | unser Fotoalbum
[…] eKhaya eBraynston _ […]