UMBUZO NEMIBONO ngokuXolelana nokuThethelelana

UMBUZO: Kungaqhutshwa kanjani emphakathini – kwezombusazwe – uma odabeni oluthile abehluleli begcina bethathé isinqumo esithi obemangalelwe liyamlahla icala, naye ebe esesemukela leso sinqumo ngokuphelele, exolisa, eshweleza emphakathini, ethembisa ukungaphindi angene esimweni esifanayo ngomuso; kufanelekile na ukuthi semukelwe isicelo sakhe sokuthi axolelwe, athethelelwe?

nguJabulani Masondo, eXobho.

*

UMBONO: Ngowami umbono  k u f a n e l e  semukelwe isicelo solahlwé yicala oxolisayo, eshweleza, ethembisa ukuthatha unyawo olusha; axolelwe, athethelelwe, kubuyiswane.

Leso simo singikhumbuza umkhuleko wethu wemihla ngemihla esithi kuwo: „Sithethelele … njengoba nathi sibathethelela abasonayo!“ Sibuye singikhumbuze impendulo kaJesu embuzweni othi: „Ngimthethelele kangaki-ke mina ongonayo? Kasikhombisa?“ Impendulo: „Ngokungamashumi ayisikhombisa aphindwé kasikhombisa [70×7]!“ (iVangeli ngokukaMathewu 18,21-22)

Kwezombusazwe kufana nasezimweni eziningi ezinye lapho konakala khona okuningi kubuye kufanele kuboniswane, kuvunyelwane ekukulungiseni nasekuchibeleni: Imbiza ibunjwa ibhidlika!

nguBheni wakwaKhumalo, eBaQulusini.

*

UTHINI OWAKHO UMBONO? Sizowethula lapha. Sithumelele wona ngokushesha >> KwaBhanya@t-online.de

3 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »UMBUZO NEMIBONO ngokuXolelana nokuThethelelana«

  1. […] to reach a stage where they apologise publicly shows that President Zuma reflected internally…you just cannot ignore an apology. It takes a real and courageous leader to say he is sorry,” said […]

  2. […] NguDkt. uBheni wakwaKhumalo eBaQulusini eKwaMachanca eJalimane 01.02.2016 […]

  3. […] wakwaKhumalo eBaQulusini eKwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] 16 Juni […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner