I s i k h u m b u z o: eSoweto >> 16 Juni 1976
Namuhla eminyakeni engamashumi amane [40] edlule amaphoyisa ombuso wobandlululo nengcindezelo [apartheid] eNingizimu-Afrika adubula abantwana besikole eSoweto ngaseGoli.
Ukuthi kanti amaphoyisa abulala alimaza abafundi abaningi kangakaya, sezwisisa kahle ezindabeni emsakazweni ngokuqhubeka kosuku. UNomusa, udadewethu owayeseneminyaka eyishumi nane [14], kwasala kancane-nje abe ngomunye wabadutshulwa. Abaningi ayefunda nabo bacekelwa phansi. Kuhlasimulisa umzimba!
Kwabheduka ulaka, kwagquzuluka isililo: „Phambili ngomzabalazo! Phansi umbuso weApartheid!“ kumemeza izinkulungwane zentsha nezihlwele zabanye ezindaweni eziningi kulo lonke. Ekudingisweni eJalimane iningi lethu laphumela phandle, saphelekezelana nabahlobo bethu sayokhononda phambi kwesiza seNxusa loMbuso woBandlululo neNgcindezelo [Apartheid] waseNingizimu-Afrika, sihlabelela izingoma zomzabalazo esasigcizelela ngazo uzwelo nokuxhumana kwethu nabafundi eSoweto nakulo lonke elaseMzansi.
Lokhu-ke manje
ukuthi lolo suku, zili-16 kuJuni,
sesiyolukhumbula njengempambuko ebalulekile „endeleni ende eqondé enkululekweni“,
kungesinye sezehlakalo ezikhumbuza ngokucacileyo ukuthi
kusemqoka kanjani
ukuthi umuntu a n g a l o k o t h i avume ukuthobela avumelane nobubi
engazamanga ukumelana nabo!
nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini
eKwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken]
16 Juni 2016
Kommentieren