uNonhlanhla [16]: Baphi oMama noBaba eThekwini?

Lubi uchuku nomona nobudlova

 Baphi abaZali  – oMama noBaba?

kubuza uNonhlanhla  Sibisi [16], oPhongolo*

Ngangifuna ukuthi ngelinye ilanga uMama noBaba kebavakashe nathi eThekwini, ngizibonele ubuhle bedolobha elikhulu, mhlawumbe kengizikhulumele, ngizixoxele nabahlala khona nasemaphethelweni.  Sengiyesaba manje!

Ezindabei namuhla nayizolo sizwa ngobubi nobudlova obubhoké khona, sibona izithombe zabantu bakhona bememezana, bekhombana, benyonkolozana, bethukana ngenhlamba, begconana, bebhinqana, bevivelana, behlaselana, behlukumezana, beshayana, bexoshana, begwazana, beshiselana amakhaya,  b e b u l a l a n a.    Abanye bakhona bathi kwabanye: “Hambani!  Phindelani kini!”   Kukhona nabathi: “Sizonibulala! Nonke!”

Ngiyabesaba abantu abanochuku nabanomona, abagcona abanye, abethuka inhlamba nabanenzondo.  Ngiyabesaba abantu abanomhawu, abamqhukumezayo bamzonde ozikhuthalele nonenhlanhla nonekhono lokuziqhwishela, aziphilise nòma kucikaza.  Labo bantu babulala abahlobo bethu abaqhamuka emazweni esakhelene nawo asebekade betholé isiphephelo kwelakithi; bangase babulale nami kusasa  – ngezizathu ezifanayo.

Kufanele silixwaye, siligweme elaseThekwini ngomuso, sixwayise nabakwamanye amazwe eAfrika naphesheya ukuthi bangabe besalokotha baye khona uma bengafuni ukubulawa?

Qha!  Iningi lezakhamizi zakwelaseThekwini nasemaphethelweni azihambisani, azivumelani nalobu budlova nobubi esizwa ngabo nesibubona ezindabeni. Asibambisane nalezi zakhamizi zakwelaseThekwini nasemaphethelweni ekuhlengeni igama lomphakathi waseThekwini kuleli hlazo ofakwa kulo yilezi zephulamthetho ezihlasela abokufika.  Asibambisane nohulumeni, sizikhuze lezi zephulamthetho, zibikwe emaphoyiseni, azibophe, ziyokwethweswa icala, zigwetshwe, zijeziswe ngokusemthethweni.

Imbi lento izephulamthetho eziyenzayo.  Nginamahloni ngayo.  Akusibo neze ubuNtu lobo!

Engizibuza khona sonke isikhathi ùkuthi:  Baphi, bathini abazali balaba abenza le mikhuba?  Baphi oMama noBaba abakhuzayo nabazithela amathambo, balamule, bavikele abokufika kulezi zephulamthetho?

nguNonhlanha Sibisi [16], oPhongolo*.

*igama lomlobi siliguqulile.

uMhleli walo mbiko nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini [Dr Ben Khumalo-Seegelken] eseViyweni leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu [Biblia Zuluensis] http://www.biblia-zuluensis.de/ ;   >> uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini

 

2 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »uNonhlanhla [16]: Baphi oMama noBaba eThekwini?«

  1. Love to you all and comfort – and may the Lord have mercy on ALL of us and give us wisdom and that love which we cannot have ourselves……

    Annemie

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner