A s i b u y i s a n e !

 I N C W A D I:

KuMongameli kaZwelonke

uMhlonishwa uJacob  Zuma

ePITOLI

27 kuNdasa 2015

 Asiphelekezelane, sibuyisane!

 

Mhlonishwa,

Sikhuza umhlolo ngodweshu olushiye kulilwa emakhaya amaningi kwelakithi nakomakhelwane, nomhlaba wethukile, udumele.  Sibonga izaba uhulumeni azenzile nazenzayo ukuqondisa isimo.  Sizimisele ukuxhasa okuzanywayo ngokusemandleni ethu.

Sethula umbono esicela uMongameli nabambisene nabo bawuhlole, babonisane ngawo; esiyothokoza uma wemukeleka, ufezeka.  Umbono wethu uthi:

ISilo kufanele sinxuswe ukuthi sivume ukwamukela isicelo esingethulwa nguMongameli kaZwelonke, isicelo somphakathi, sokuthi iSilo sivakashele emazweni esakhelene nawo – eMozambikhi, eZimbabhwe, kwelaseKhongo, eSomaliya nakwamanye -, siye siphelekezelwa yiqembu labakhongi nabahlanganisi  [Outreach in Goodwill] – siyosishwelezela, sisixolisele, sisikhonzele, sisedlulisele isiqiniseko sokuthi umphakathi waseNingizimu-Afrika namanje awuxabene neze nabo, awuzondani nanoma ngubani-nje omunye, kanye nesiqiniseko sokuthi uhulumeni waseNingizimu-Afrika uzimisele ukuthi bathungathwe, batholakale, bethweswe icala, liqulwe, bagwetshwe uma libalahla, bajeziswe ngokusemthethweni bonke laba okuyotholakala ukuthi yibo abephula umthetho, bahlukumeza, balimaza, babulala abokufika kwelakithi kulolu dweshu obeluvele. 

Ukuhlanganisa amehlo emva kothuthuva, kushwelezwe, kududuzwane, kuthethelelwane, kuyazivuselela kuziqinise izikhonkwane zobudlelwane kwakhelwene; umphakathi welulame, usimame, zichume kangcono nangomuso izaba zokuzakha nokuzithuthukisa emhlabeni kubanjiswene ngesihle nangokuhloniphana.

Izilokotho ezinhle!

(osayinayo) nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] oseViyweni leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu [Biblia Zuluensis];   >> uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini .

Ein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »A s i b u y i s a n e !«

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner