isiBhicongo saseMarikana [2012] – uMbiko ngoCwaningo nemibono

UMbiko ngoCwaningo olweziwa emva kwesiBhicongo esavezwa ulaka lwamaphoyisa edubula abasebenzi eMarikana eminyakeni emithathu edlule [16.08.2012] uze wagcina uphethiwe, wethulwa emphakathini njengoba kufanele, wethulwa nguMongameli kaZwelonke, uMhlonishwa uJacob Zuma, okunguyena owayejubé ijaji nabelekeleli balo ukuthi benze ucwaningo lolo.

Lo mbiko sisazowuhumushela esiZulwini, usatholakala ngesiLungu-nje kuphela – nanku lapha >> uMbiko ngesiBhicongo saseMarikana [2012].

*

Asebewufundile lo mbiko bawemukela ngezindlela ezehlukene:

Omunye emphakathini owayexhumene nabasebenzi ezimayini zaseMarikana nemindeni yabo ikakhulukazi ngezinsuku zeziteleka eminyakeni emithathu edlule [2012]  nguMfundisi uSeoka, uMbhishobhi weBandla laseShesi kwelasePitoli.

UMbishobhi uSeoka lokhu abakhona njengesethenjwa somphakathi wabasebenzi kanye nemindeni yabo eMarikana ekusukeni kodaba lokuxazulula inkinga yamaholo eminyakeni emithathu edlule [2012] kuze kube namuhla.  Kulabo abadutshulwa baningi ababemazi, bemethemba uMfundisi uSeoka.

Umbono kaMbhishobhi uSeoka sisazowuhumushela esiZulwini, nawo usatholakala ngesiLungu-nje kuphela – nanku lapha >>  uMbhishobhi uSeoka: Icala lethweswa abasebenzi abadutshulwa .

nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini [Ben Khumalo-Seegelken]

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner