uKhahlamba noLwandle – kwelakithi

iziNtaba zoKhahlamba esizalweni soThukela

Lavela phi?  Lavela nini eliphakathi koKhahlamba noLwandle?

– nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini –

Abantu emizini nasemindenini eyayiphila emandulo [bengakafiki abaphesheya kuleli (oBartholomeu Dias ngowe-1488 noVasco da Gama ngowe-1497 nabalandela lapho emva kowe-1652)] emimangweni nasemathafeni aphakathi kwezintaba zoNdi – izintaba zoKhahlamba – noLwandle olusempumalanga babephilela ukuzinakekela nokuzondla – bona nabantwababo. Imihosha nemifula, iziphethu nemithombo nemvula kwakubapha amanzi enele ababeziphuzela wona ukuqeda ukoma, bewasebenzisa futhi ekuphekeni nangokuzihlanza. Babengaqheli kakhulu nalapho kutholakala khona amanzi ekuphembeni kwabo iziza ababakha kuzo amakhaya abo.

UKhahlamba noLwandle kwahamba kwahamba kwaze kwaba yimingcele yezwe le mizi nemindeni ayayizinzé kulo, yanda ngokuganiselana yaze yaba yizizwe nezizwana ezagcina ziqoqwé zahlanganiswa ngezikhwepha ngokuphenjwa koMbuso wakwaZulu yiNkosi uShaka kaSenzangakhona kaJama engxenyeni yokuqala yenkathi yonyakakhulu weshumi nesishiyagalombili [+1820].

Phakathi kweziqongo nezintaba zoKhahlamba kanye necabazi lezihlabathi zogu loLwandle kanye nemimango nganeno nangaphesheya koPhongolo nezintaba zoBombo, kwehle kuze kuyoshaya ngaphesheya koMzimvubu, liyenaba ligoqane izwe, liveze ihlanze, liveze inkangala namadlelo, amathafa nemimango. Muva-nje kusukela ekuthathweni kombuso wentando yeningi kwelaseMzansi-Afrika [ngowe-1994], le ngxenye yomhlaba isingesinye sezifundazwe eziyisishiyagalolunye zikaZwelonke waseNingizimu-Afrika, isiFundazwe sakwaZulu-Natali.

Lavela phi? Lavela nini leli eliphakathi koKhahlamba noLwandle?

OSolwazi ngezeNdabuko nobuNjalo beHlabathi [geologists] bacwaninga bephindelela ngendabuko nobunjalo bamadwala nezihlabathi zezwe eliphakathi koKhahlamba noLwandle, bezibuza ngesimo sezintaba nangokwenaba kwemimango, ngokugeleza kwemihosha nemifula nobude nobubanzi bogu lolwandle kanye nohlobo lwezihlabathi zalo nohlobo lwenhlabathi ezifundeni ezehlukene. Imiphumela eyahlukene yalolu cwaningo ixoxa kabanzi ngomlando wale ngxenye yezwekazi laseAfrika.

Eminye yale miphumela sizoyethula siyiqhathanisa nezifundazwe ezithile kwelaseAfrika naphesheya:

Amatshe namadwala

Uma umi phezu kodonga, ubuka phansi lapho kugeleza khona umhosha, kuyakucacela ukuthi side kakhulu isikhathi esesedlule kusukela esikhathini la manzi owabukayo esazigelezela-nje okhalweni, kungakaguguleki umhlabathi kwaze kwadaleka lolo ludonga omi phezu kwalo. Kanjalo uma ubuka idwala, uliqhathanisa nelinye-nje itshe eliseduze, uyawubona umahluko endleleni idwala eliqiné noma elilolongeké ngalo: Umgubane ulukhuni ufuzé insimbi; ilahle lona lithi lilukhuni, libe likwazeka ukuqhekezeka nokokheleka ngomlilo, kanti-ke kukhona amatshe alula nabonakala ethambile sengathi aqeda-nje ukubunjwa ngenhlama yesihlabathi. Kunendlela yokufunisela ukuthi linezigidi zezinkulungwane zeminyaka emingaki yobudala lelo tshe nalelo dwala. Kusetshenziswa yona uma kuzanywa ukuthola ulwazi ngobudala bengxenye yomhlaba ecwaningwayo.

Kanti-ke futhi nendlela amatshe namadwala emi ngayo iveza ulwazi ngomlando wawo: Kunamadwala namatshe abonakala sengathi angamakhekheba alakanyelene, amanye emi atshekile sengathi asunduzeka ezinkathini zasemandulo. Ulwazi ngeziwombe zokuzamazama komhlaba ezingxenyeni ezithile emhlabeni kanye nangamagugu nomcebo oqukethwe ngamadwala namatshe ngokwehlukana kwawo, luyasiza ekutholeni izincazelo ngomlando waleyo naleyo ngxenye yomhlaba ecwaningwayo.

Isihlabathi nebumba nesibomvu neziduli

Utshani namakhambi nemithi – amaxolo nezimbali nezithelo

 Izinambuzane nezilokazana nezilwane

                                                     … siyaqhubeka!

nguDkt uBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini ekwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken] uBanjiswano lokuKhuthaza ukuKhuluma nokuBhala ngesiZulu eMphakathini

Ein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »uKhahlamba noLwandle – kwelakithi«

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner