ubuNtu*

ubuNtu

Aya ngokwanda amazwi emphakathini muva-nje

– ikakhulukazi kubacwaningi nakubahlaziyi kwezolwazi ngokubhobokelana nokwethekelelana nobudlelwano [knowledge-systems concerning communication, exchange of perceptions and interconnectedness] kanye nabakwezombusazwe (abezepolitiki) –

abalisa ngokubaluleka kobuNtu

okuyingqondo nenqubo
ephakamisa

  • °ukuzithanda luqobo lwakho
    °isimilo
    °ukwazisana nokubonelelana.

Ingqondo nomoya wobuNtu
kungokwendabuko
kanti futhi kukhuthalelwe kakhulukazi eMzansi-Afrika ²
°ekhaya, kwabomndeni, ezihlotsheni,
°kubangani, kontanga
°komakhelwano,
°emphakathini jikelele.

>>ubuNtu

Ikakhulukazi ebunzimeni nasezinxushunxushwini, ezingxabanweni zombango nasezikathini zodweshu nezezimpi

aqhamuka ngokwandile amazwi akhumbuzana ngokubaluleka kobuNtu
kanye nagqugqumezela ngesidingo sokukhumbuzana nokukhuthazanelana ubuNtu.

Umuntu ngumuNtu ngabaNtu
„INkosi yiNkosi ngabaNtu“ …

EMzansi-Afrika, eYurophu, eMelika nakwezinye izingxenye zomhlaba ayanda muva-nje amazwi abalisa ngokubaluleka kobuNtu kanye nagqugqumezela ngesidingo sokukhumbuzana nokukhuthazanelana ubuNtu.

°Kwenziwa yini lokho? [Asuswa yini phansi? Ahloseni? Ayecashephi sonke lesi sikhathi, njengoba eseqhamuka namuhla-nje?]

°Kuhlosweni? [kwabamaqembu ezepolitiki, kubacwaningi nakubahlaziyi kwezolwazi nasemphakathini jikelele?]

Sihlongoza ingxoxo okufanele kubhekiswane kuyo ngengqondo nangenqubo yokwazisana nokubonelelana eyaziwa ngokuthi „ubuNtu“, kucotshelelwane ulwazi eshashalazini elibanzi, kucetshiswane ngamasu ubuNtu obungavuselelwa buchunyiswe ngawo emphakathini jikelele.

nguDkt uBheni wakwaKhumalo eBaQulusini
eKwaMachanca/eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken]
osoBanjiswaneni lokuKhuthaza ukuKhulunywa nokuBhalwa kwesiZulu eMphakathini
04.09.2010

_____
*QAPHA: Indlela eqondile yokulotshwa kwaleli bizo ithi „ubuNtu“; isiphongozo „ubu-“ nesiqu „-Ntu“ kuxhumana kwakhe ibizo elaziwa ngezindlela eziningi ezahlukene: ngesiSuthu „-Botho“; ngesiLathini „humanitas“; ngesiJalimane „[bedingungslose] Mitmenschlichkeit“; ngesiNgisi „[unconditional] humanness“.

² Emazweni aseAfrika angezansi kwenkaba yomhlaba [equator] phakathi koLwandlekazi oluseMpumalanga [Indian Ocean] noLwandlekazi oluseNtshonalanga [Atlantic Ocean]: eAngola, eBotswana, eKhongo, eLesotho, eMalawi, eMozambikhi, eNamibia, eNingizimu-Afrika, eSwazini, eThanzaniya,eZambiya naseZimbabwe.

4 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »ubuNtu*«

  1. […] ausdrücklich verbietet, [diese] atmen und strahlen diesen Leitgedanken gegenseitigen Respekts, „ubuNtu“, und gleichberechtigter Vielfalt […]

  2. […] develops the concept of interconnectedness-through-wholeness to replace the dominant definitions of ubuNtu – which, she argues, have become increasingly compromised by competing political agendas – and, […]

  3. […] fragt man sich, erweist sich das viel besungene „ubuNtu“, die bedingungslose Mitmenschlichkeit, die die „Regenbogennation“ auszeichnen sollte, wenn […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner