iyelulama iAfrika. Phambili!

Bakwethu!

Siwutholile umbiko wokuthi i-Journal of Natal and Zulu History [JNZH], ikhasi uMnyango wezoMlando eNyuvesi yaseNatali [eseyaba yiNyuvesi yaKwaZulu-Natali] ebelethula ngalo emphakathini – kusukela ngowe1978 – obekulotshwa ngabafunda nabafundisa ngomlando weNingizimu-Mpumalanga yeAfrika esiyaziwa namuhla ngokuthi kuKwaZulu-Natali, seliwubeka phansi umsebenzi walo, alisezukuqhubeka.

Ngingomunye nami engake ngazama ngiphindelela ezikhathini ezedlule ukubeka induku ebandla ezihlokweni ezimbalwa engangibona kufanele  zidingidwe [Bheka >> LiPSA], eziningi izaba zami nokho zaphelela ezeni ngezizathu engingazazi.

Bakwethu, baqinisile abadala uma bethi kusinwa kudedelwana. Itshe seligaya ngomunye umhlathi:

Ukufadalala nokuwa kwe-Journal of Natal and Zulu History kusikhumbuza kabusha ukuthi sesedlula isikhathi semibuso yobuqhwaga nokuhlwithwa komhlaba (colonialism) neyemibuso yobandlululo nengcindezelo (apartheid). Lesi sehlakalo sisikhumbuza kabusha ukuthi umphakathi waseMzansi-Afrika uya ngokwelulama njengoba usuziphethe ngombuso wentando yeningi-nje (democracy); abafundi nabacubunguli nosolwazi – abantwabethu nabazukulu – namuhla bakhuthalele °ukuyivuselela, °bayithuthukise, °bayiphindisele ezingeni okungelayo iAfrika emiphakathini yomhlaba-jikelele. Sezedlula izikhathi zezinganekwane nemithelezeko ezama ukuhlanekezela umlando ngokulilela nokuvuna ubuqhwaga nokuhlwithwa komhlaba nobandlululo nengcindezelo [historiography in colonial- and apartheid-perspective] umphakathi obumelene nakho nakwelakithi eselaziwa namuhla ngokuthi kuKwaZulu-Natali.

Iyelulama iAfrika. Phambili!

Ben Khumalo-Seegelken

06.02.2021

 

 

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner