Incwadi enesihloko esithi
elotshwe
ngoCharles noJulia Botha
enemidwebo eyenziwa nguEve Gibbs
“Kubantu abaningi … ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni zasemakhaya, ukutshala izitshalo ezingatheli kudla kuyinto engaziwa. Eminyakeni eminingi edlule bebephila impilo esondelene nenhlabathi, behlonipha imithetho yemvelo. Kodwa-ke ngenxa yokuvela kwamadolobha, sekushintsha ngesivinini lokho, futhi kuyadabukisa ukuthi baningi abalandela isibonelo esingesihle esaqalwa ngabelungu ngokuthi batshale izimila ezingezona ezendabuko ezingadini zabo. Sethemba ukuthi leli bhuku lizokhuthaza ukuthi bayazise kangcono imvelo nokuthi bavikele lokho okuyifa okusasele oyisemkhulu ababekwazi bekuqonda kahle.” NguCharles noJulia Botha 2003
Okuqukethwe
Isingeniso
Ukusuka kokufika uyekokwendabuko
Kutshalwa kanjani?
Ungwengwe nokuhlelwa kwegceke
Kungani isihlahla sendabuko sifa?
Izilokazane zasezingadini ezingathandeki
Izibulala-zinambuzane ezisebenza kahle
Izilokazane zasezingadini ezihluphayo eziyizifiki
Izimvemvane namabhu
Izinyoni zasengadini
Ichibi lasengadini
Ukutshala ezitsheni
Ama-okhedi
Ifangi yasengadini
Ama-Cycad
Imithi nezihlahlana
Izicaci kanye nezihlahlana ezenabayo
Izimbozanhlabathi nezifana nazo
Izimila ezingamakhambi, utshani nezinye
Abahlaseli bokufika
Yini engeyakuphi?
Kungathintwa bani mayelana nani?
Amagama esiZulu ezimila
Inkomba
le ncwadi yayihunyushwe isuswa esiNgisini ngoDoris Khumalo no Alfred Ngwenya noNoleen Turner;
yashicilelwa yahlanganiswa ngabakweInterpak Books eMgungundlovu yakhishwa yiGumbi lakwaZulu-Natali leWildlife and Environment Society of South Africa, eThekwini ngonyaka we-2003; inombolo eyaziwa ngayo ithi ISBN 1-874975-08-6; iqukethe amakhasi angamakhulu amabili namashumi amane nane [244]. UCharles Botha ungusomabhizinisi. Wake waba nguSihlalo weleWildlife and Environment Society seSufzbdatwe sakwaZulu-Natali kanti futhi eyilunga laphakade layo leyo nhlangano kanye neBotanical Society. UJulia Botha unguSolwazi kwezeMithi yokwelapha [Pharmacology] owayeseNyuvesi yaseNatali lapho ayenguSihlalo khona weKomidi elibhekene nezeMvelo oPhikweni lwaseThekwini. Uneziqu zeBPharm kanye nezobudokotela eziningi.
sicobelelana ulwazi:
nguBheni wakwaKhumalo eBaQulusini eKwaMachanca eJalimane www.benkhumalo-seegelken.de
05.08.2013
Kommentieren