isiZulu/Deutsch: uMartin Luther namaJuda | Martin Luther und die Juden

Umlobi (uClaus Röck): “Lapho kunokukhanya khona, kuvama ukuba nethunzi futhi“ |

Autor (Claus Röck): Wo viel Licht, da viel Schatten.

uMartin Luther namaJuda | Martin Luther und die Juden

*

AbeBandla labakhonza ngenqubo yobuLuthela kuhlala kudingeka njalo ukuthi bashikashikane ngeziphathelene nenkokheli yabo, uMartin Luther. Bekunjalo futhi emasontweni amabili edlule [8.-11.11.2015] enkundleni yeSinodi leBandla labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland (EKD)].

Umhlangano uphethwé ngokwethulwa kwesaziso esinikwe isihloko esithi „Martin Luther und die Juden – Notwendige Erinnerung zum Reformationsjubiläum“, okungukuthi „UMartin Luther namaJuda – okufanele nakanjani kukhunjuzwane ngakho ekusondeleni kwalo Mkhosi weNguquko kwezoKholo ozayo“.
Kulesi saziso kubaliswa „ngamaqiniso adikibalisa umphefumulo“, kukhonondwe „ngefa eliwumthwalo onzima“ kanye „nangengqondo yenzondo nonya maqondana nabenkolo yobuJuda“ etholakala kokwakushiwo nguMartin Luther.

UThomas Kaufmann, uSolwazi ofundisa ezoMlando kwezeNkolo eNyuvesi yaseGöttingen, uMphathisihlalo woBanjiswano kwezoMlando weNqubo yeNguquko kwezeNkolo, usebenzé ngokujulile ekucubunguleni ingqondo yokwakushiwo nokwakulotshwa nguMartin Luther.

+

            Autor (Claus Röck):
Dass die evangelische Kirche sich den dunklen Seiten ihrer Lichtgestalt Martin Luther auch heute noch stellen muss, war vor kaum zwei Wochen [8.-11.11.2015]  unter anderem Thema auf der Bremer Synodentagung der Evangelischen Kirche in Deutschland.

Dort verabschiedete das Kirchenparlament eine schriftliche Kundgebung mit dem Titel „Martin Luther und die Juden – Notwendige Erinnerung zum Reformationsjubiläum“. Von „bedrängenden Einsichten“ und einem „belastenden Erbe“ ist in dieser die Rede. Und von den „judenfeindlichen Denkmustern“ des Reformators.

Thomas Kaufmann, Kirchenhistoriker an der Universität Göttingen und Vorsitzender des Vereins für Reformationsgeschichte, hat sich mit Luthers Denkmustern intensiv beschäftigt.

*

UThomas Kaufmann:
Inselelo yokuzihlolisisa ezeNkolo yobuJuda selokhu yanikwa abeNkolo yobuKhristu ekusukeni – yaqoshwa ezincwadini zabo zendabuko ezingcwele. Nokunjalo nje-ke, ukucutshungulwa kombuzo ophathelene nobudlelwano nabeNkolo yobuJuda kungumbuzo-sisekelo weNkolo yobuKhristu kwasekusukeni kwayo phansi. UMartin Luther wazama ukuthola impendulo kulowo mbuzo ngokugxila ekutheni „uMbhalo zwi!“ [„sola scriptura“] ngokufunda nokuhlahlela nokucwaziya uMbhalo.

Enye ingxenye yale nkinga kwakuyinqubo emphakathini ngalezo zikhathi: UMartin Luther wayengazani, engathintene nabeNkolo yobuJuda; wayekhulelé emphakathini owawunenzondo nabo, okwakungelula kuye ukuzihlangula kuyo, okwakuyaye kuthi naye ahlale ahlale ayingene, okwakuyinzondo naye ayenayo.

+

                Thomas Kaufmann:
Die Herausforderung, die Auseinandersetzung mit dem Judentum ist sozusagen dem Christentum ins Stammbuch geschrieben, d. h. in seine heiligen Urkunden. Insofern ist die Auseinandersetzung mit der Frage, wie halten wir es mit den Juden, eine Grund-frage des Christentums seit seiner Entstehung. Luther hat ja durch seinen vehementen Rekurs dieses Reduktionsprogramm – allein die Schrift – in erster Linie auf der Basis von Schriftauslegung, Antworten auf das Verhältnis zum Judentum zu finden versucht.

Ein anderer Problembereich oder eine andere Problemsphäre waren Juden in der zeitgenössischen Lebenswelt. Luther hatte relativ wenig unmittelbare Kontakte, aber er ist hineingewachsen in eine von Ressentiments geprägte Welt, von der er sich nicht lösen konnte, auf die er sich partiell immer wieder bezog und in die er auch sozusagen verstrickt war.

*

Umlobi:
Le nzondo yangalezo zikhathi [1500-1600] yayisuka ezinganekwaneni nasemangeni okwakwejwayelwe ukubhixana nokuhlambalazana ngawo ngalezo zikhathi kuthiwa: AmaJuda ngabagunyi nababulali babantwana bamaKhristu, ngabathakathi abaloya izinkwa ezibekelwe isiDlo esiNgcwele, ngabathakathi abathela ushevu emthonjeni wamanzi okuphuza, yizigelekeqe, omashonisa, kuthiwe futhi amaJuda ayameya, amgciwaze oKhonzwayo.

+

                    Autor:
Diese Ressentiments des 16. Jahrhunderts waren geprägt von spätmittelalterlichen Greuelmärchen und Lügengeschichten: Juden als Mörder unschuldiger Christenkinder, als Hostienschänder und Brunnenvergifter, als Wucherer und Gotteslästerer.

*

UThomas Kaufmann:
Okumangalisa kakhulu kuMartin Luther yile nguquko enkulu engqondweni yakhe kulolu daba: Silalela akushoyo eminyakeni ephambili elandela owe-1520, lapho ayephenya, echaza, ezihlangula kukho konke lokho ayekubiza ngokuthi yinsumansumane nenhlamba engenasisekelo eMbhalweni oNgcwele, ethi asisoze neze saqhubeka nokubaphatha kanje abeNkolo yobuJuda. Osekudida ingqondo sekuyilokhu uMartin Luther asekusho eminyakeni engamashumi amabili elandela lapho – sekuthi lapha nalaphaya esebuyela kulezo zinsumansumane nenhlamba, esethanda ukuvumelana nabahleba abeNkolo yobuJuda bethi bagunya babulale izingane zabeNkolo yobuKhristu – eqinisweni eseketukile, wabuyela ezinsumansumeni ayekade ezidalula, ezihlangula kuzo eminyakeni engamashumi amabili edlule.

+

                     Thomas Kaufmann:
Das Atemberaubende an Luther ist ja dieser dramatische Positionswechsel. Wir haben Äußerungen in den frühen 20er Jahren, in denen er mit diesen, wie er sagt, Tandmären aufräumt und sagt, das sind Vorurteile, die jedes Fundaments in der Heiligen Schrift entbehren, so können wir mit den Juden nicht umgehen. Dass dann auf der anderen Seite doch auch Erschütternde ist, dass er 20 Jahre später zu diesen Gräuelvorwürfen – zum Teil jedenfalls – zurückkehrt und sozusagen offen mit der Möglichkeit des Kindsmordes, des jüdischen Kindsmordes rechnet, also im Grunde zurückfällt hinter Einsichten, die 20 Jahre vorher explizit formuliert worden sind.

*

Umlobi:
Izincwadi ezimbili ezalotshwa nguMartin Luther ziyibeka ngokubonakalayo le nguquko engqondweni yakhe:

Eyokuqala, ayiloba ngonyaka we-1523, inesihloko esithi: „Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“, okungukuthi „… uJesu Khristu wayeyiJuda ngokuzalwa“; eyesibili yangonyaka we-1543 inesihloko esithi „Von den Juden und ihren Lügen“, okungukuthi „… amaJuda namanga awo“.

Lena yesibili-ke kwathi emva kweminyaka engamakhulu amane yathandwa kakhulukazi ngabengqondo yobandlululo nobudlova [Nationalsozialismus/Nazism; 1933-1945] abasebecaphuna kuyo njalo ezinkulumweni nasemibhalweni yabo. Bamsebenzisa nangokungahambisani naye uMartin Luther ekuthuthukiseni ipolitiki yabo yobandlululo nendluzula. Siyabuza-ke lapho: Kungethweswa uMartin Luther icala ngalokho? Yebo, kusho uSolwazi noMbhali wezincwadi uMicha Brumlik:

+

                      Autor:
Zwei Schriften Luthers bilden die Eckpunkte für diesen Positionswechsel: Die frühere aus dem Jahr 1523 trägt den Titel „Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“, die spätere aus dem Jahr 1543 den Titel „Von den Juden und ihren Lügen“. Letztere wurde von den Nationalsozialisten rund 400 Jahre später häufig zitiert. Sie missbrauchten Luther zur Rechtfertigung ihrer verbrecherischen Rassenpolitik. Aber kann man das dem Reformator anlasten? Ja, das könne man – findet der Wissenschaftler und Publizist Micha Brumlik:

*

UMicha Brumlik:
UJulius Streicher wathi eNkantolo yaseNuremberg [eyayiqula amacala obudlova beNationalsozialismus/Nazism]: Ukuba kumi uDkt. uMartin Luther lapha esikhundleni sami, nguye obekungafanela ethweswe icala; esho eqinisile uJulius Streicher ngoba uMartin Luther encwadini yakhe yowe-1543 ethi „Von den Juden und ihren Lügen“, okungukuthi „… amaJuda namanga awo“, wagqugqumezela ukuthi kugilwe cishe yonke le mikhuba abeNationalsozialismus/Nazism abagcina beyigilile [1933-1945]. Ngowami umbono uMartin Luther kwakungesiye-nje omunye beNkolo yobuKhristu ababeqwagayisana nabeNkolo yobuJuda ngemibono, wayengumphembi wenzondo nomsunguli nenhlukumezo ngokwezepolitiki eqondiswe kwabeNkolo yobuJuda.

+

                      Micha Brumlik:
Julius Streicher hat vor dem Nürnberger Tribunal gesagt, wenn anstatt meiner Dr. Martin Luther hier stünde, müsste er angeklagt werden. Und das ist insofern richtig, als Martin Luther in seiner Schrift von 1543 „Von den Juden und ihren Lügen“ in der Tat bis auf die Vergasung alles gefordert hat, was die Nationalsozialisten schließlich exekutiert haben. Und damit ist für mich Martin Luther nicht ein weiterer Vertreter des christlichen Antijudaismus, sondern der Begründer des modernen politischen Antisemitismus‘.

*

Umlobi:
UDorothea Wendebourg akavumelani nalo mbono kaMicha Brumlik. UDorothea Wendebourg, uSolwazi ofundisa ezoMlando kwezeNkolo eNyuvesi eBerlin, naye uwuthola ungemukeleki umbhalo kaMartin Luther wangonyaka we-1543, kodwa akavumelani nokuthi inzondo yakhe kwabeNkolo yobuJuda ilinganiswe nokusetshenziswa kwayo muva ihlanekezelwa ngabombuso wendluzula [1933-1945].

+

                              Autor:
Dorothea Wendebourg geht das zu weit. Die Berliner Kirchenhistorikerin findet Luthers Äußerungen aus dem Jahr 1543 zwar widerwärtig, warnt aber davor, seine Judenfeindschaft zu messen an ihrer späteren Instrumentalisierung im Dritten Reich.

*
UDorothea Wendebourg:
Nje-ke! Yilokho ababekufuna abeNationalsozialismus/Nazism [amaNatsi]!: Ubufakazi bokuthi okuyiwona mmongo wemfundiso kaMartin Luther ukuZonda abeNkolo yobuJuda [Antisemitismus]; yingakho simazisa njengeqhawe. Uma-ke thina uMartin Luther simbuka kanjalo, sivumelana senanezela inhloso yamaNatsi, sizifaka kunoxhaka wabo, sifeza uhlelo lwabo lokuhlanekezela umlando. Kufanele siqaphele, sihlolisise ukuthi sichusha kanjani lapho.

+

                            Dorothea Wendebourg:
Also das wollten die Nazis gerne: Festzustellen, das eigentliche Erbe Martin Luthers ist der Antisemitismus, deswegen ist er unser großer Held. Und wenn wir nun Luther nur so sehen, beschreiben und werten, dann gehen wir im Grunde genommen den Nazis auf den Leim und vollstrecken deren gedächtnispolitisches Programm. Da muss man schon sehen, wie man da seinen Weg dazwischen findet.

*

Umlobi:
Ukuze „singazifaki kunoxhaka“ wamaNatsi, njengoba uDorothea Wendebourg esixwayisa, kufanele siziqhathanise lezi zincwadi ezimbili zikaMartin Luther ezisemqoka emfundisweni yakhe ngobudlelwano nabeNkolo yobuJuda.

Kweyokuqala yangonyaka we-1523 uziveza njengonozwelo. Uthi:

„Esami isicelo neseluleko sithi: Asibaphathe kahle, sibafundise okuseMbhalweni oNgcwele uma abanye babo besondela. Kodwa uma silokhu sibaphethe ngendluzula, sifafaza amanga ngabo, sibalandulela ngokuthi kufanele babenegazi lobuKhristu ukuze bangasinukeli kabi nokuningi okunye okuwubuhlanya esikushoyo size sibaphathe njengezinja – singalindela ukuvunani-ke okuhle kulokho? Nangalokho-nje ukuthi siyabenqabela ukuthi bazisebenzele, baziqhwishele, bahlalisane nathi njengomakhelwane, okuyikhona okwenza baphendukele kwezobukhwabanisi nobuqili – bangakuqondisa kanjani konke lokho? Uma sifisa ukubasiza, kufanele sihlangabezane nabo silandela umthetho – hhayi okaPhapha, kodwa uMthetho woThando lobuKhristu – sibemukele ngesihe nangomusa, sisebenzisane kanye nabo ekudaleni amathuba okuziqhwishela nokuziphilisa [ekuphembeni izimboni], sibambisane; bangene, benabe, bakhululeke phakathi kwethu kanye nathi, bazibonele bazizwele impilo yethu ngokweNkolo yobuKhristu. Uma abanye babo benqaba ukusondela – kuhlupha ngani lokho? Kwathina asisiwo sonke amakholwa ngokuphelele”.

+

                          Autor:
Will man den Nationalsozialisten also nicht, wie Dorthea Wendebourg es formuliert, „auf den Leim gehen“, so muss man zunächst die beiden wichtigsten Schriften Luthers über die Juden miteinander vergleichen.

In der früheren von 1523 zeigt er sich noch durchaus verständnisvoll:

[Lesung]: Martin Luther, „Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“ (1523):

„Meine Bitte und mein Rat wäre, daß man anständig mit ihnen umginge und sie aus der Heiligen Schrift unterrichte, so möchten einige von ihnen herbeikommen. Aber da wir sie nur mit Gewalt behandeln und Lügen verbreiten, ihnen vorwerfen, daß sie Christenblut haben müssten, damit sie nicht stinken, und ich weiß nicht, was es sonst an Narrenwerks gibt, so daß man sie geradezu für Hunde hält – was sollen wir Gutes bei ihnen schaffen? Ebenso dadurch, daß man ihnen verbietet, unter uns zu arbeiten, zu hantieren und andere menschliche Gemeinschaft mit uns zu haben, womit man sie zum Wuchern treibt – wie sollte sie das bessern? Will man ihnen helfen, so muss man nicht des Papstes, sondern der christlichen Liebe Gesetz an ihnen üben und sie freundlich annehmen, sie zusammen mit uns Gewerbe treiben und arbeiten lassen, damit sie Grund und Raum gewinnen, bei uns und um uns zu sein, unser christliches Lehren und Leben zu hören und zu sehen. Ob einige halsstarrig bleiben – was liegt daran? Wir sind doch auch nicht alle gute Christen.“

*

Umlobi:
UMartin Luther ngonyaka we-1523 encwadini yakhe enesihloko esithi „… uJesu Khristu wayeyiJuda ngokuzalwa“ [„Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“] – le ncwadi izwakala sengathi iyinkomba-ndlela kwabeNkolo yobuKhristu ukuthi bashumayeze abeNkolo yobuJuda, baphenduke. Iphimbo layo lipholile, ithi: Awaphathwe kahle amaJuda, angahlukunyezwa, kusho uMgqugquzeli woMkhankaso weNguqoko kwezoKholo [Reformation] uMartin Luther, „bahlangatshezwe ngoMthetho weNkolo yobuKhristu“. Yinhloso engenambandela leyo – nòma kunesihibe esikhona kulokho? Kokubili kulapho phakathi, kusho uSolwazi ngeziphathelene noMartin Luther, uThomas Kaufmann:

+

                               Autor:
Martin Luther 1523 in seiner Schrift „Dass Jesus Christus ein geborener Jude sei“. Sie liest sich größtenteils wie eine Gebrauchsanleitung für Christen zur Judenmission. Ihr Ton ist weitgehend freundlich: Man möge die Juden gut behandeln, ihnen keine Gewalt antun und, wie der Reformator schreibt, „der christlichen Liebe Gesetz an ihnen üben.“ Eine ernste Absicht oder doch eher Kalkül? Beides, meint der Lutherexperte Thomas Kaufmann:

*

UThomas Kaufmann:
Isihibe – uma singakubiza kanjalo lokho esikusolayo – [isihibe] sisekuthini lo oshisekele ukushumayeza nokuzuza amakholwa uzibonela indlela eludlana yokubahehela kuKhristu ngokuthi ahlangabezane nabo ngomusa. Leli thuba akabange esalokotha ukungalikhuthaleli – lalilokhu lisemehlweni akhe njalo-nje. Intshumayelo yakhe yonke igcizelela iphindelela ekutheni yiyona ndlela le okuyotholwa ngayo ukuphepha (…) Okunye-ke kulokho: Amazwi kaMartin Luther kufanele phela ahlolwe ngokuhambisana nendlela okwakuhlaliswene ngayo nabeNkolo yobuJuda ngalezo zikhathi. Yilokho-ke, ngokubona kwami, okushaya emhlolweni: UMartin Luther akakhulumi-nje ngesidingo sokuthi babekezelelwe okwesikhashana, ukhuluma ngesidingo sesimo esisha ngokuphelele, esisho ukuhlalisana kulinganwa emphakathini – amaJuda namaKhristu –. Lokho kuwumbono okhaliphé kakhulu kuleso simo sangalezo zikhathi [1500-1600].

+

                          Thomas Kaufmann:
Das Kalkül, wenn man es denn ein Kalkül nennen will, für einen religiösen Überzeugungstäter, bestand natürlich darin, durch eine freundliche Umgangsweise einen Weg zu dem für Luther entscheidenden religiösen Ziel, nämlich Christus, zu eröffnen. Diese Perspektive hat er im Prinzip nie aus den Augen verloren. Und dass dies der Heilsweg ist, liegt sozusagen im Zentrum seiner Theologie. (…) Das andere ist natürlich: Sie müssen Luthers Äußerungen hineinstellen in eine zeitgenössische Umgangsweise mit den Juden. Und da ist zunächst, aus meiner Sicht, das Bemerkens-werte, dass er von keiner befristeten Duldung spricht, sondern die grundsätzliche Position formuliert, dass es eine Kopräsenz von Juden und Christen in der zeitgenössischen Gesellschaft gibt. Und das ist ein einigermaßen atemberaubender Gedanke unter den Bedingungen des 16. Jahrhunderts.

*

Umlobi:
Kusho ukuthi uMartin Luther – encwadini yakhe yangonyaka we-1523 – uphendukela kwabeNkolo yobuJuda ngenhloso yokuthi bemukwelwe emphakathini? UMjuda uMicha Brumlik uyaphika:

+

                        Autor:
Reicht Luther in seiner Schrift von 1523 also den Juden die Hand? Der Jude Micha Brumlik widerspricht:

*

UMicha Brumlik:
Cha, akusikho ukuthi welula esandla sokuwemukela amaJuda, wethula umbono kwabaphethe ukuthi badedele ukuthi ithuba lokuthi amaJuda agcine esefinyelele nawo kuKhristu lengezwe. Nje-ke!

+

                      Micha Brumlik:
Nein, er reicht nicht den Juden die Hand, er richtet einen Appell an die jeweilige Obrigkeit, sich so zu verhalten, dass die Chance, dass Juden dann dennoch zu Christus finden, erhöht wird, so würde ich es ausdrücken.

*

UDorothea Wendebourg:
Kahle bo! Welula isandla sokuwemukela amaJuda ngokuthi athi angabe esabandlululwa, angabe esanqatshelwa ukuzisebenzela emisebenzini ethile emphakathini, awahlale nathi silingana. Unxusa amaKhristu ukuthi aziphathe kahle, abemukele ngothando.
+

                       Dorothea Wendebourg:
Das ist zu wenig. Also, er reicht insofern den Juden durchaus die Hand, dass er sagt, sie sollen nicht mehr ghettoisiert werden, sie sollen nicht mehr von Berufen ausgeschlossen werden, sondern sie sollen mit uns zusammen leben können. Und er appelliert an die Christen, sich anständig und liebevoll zu verhalten

*

Umlobi:
Eminyakeni engamashumi amabili emva kwalokho – ngonyaka we-1543 – uMartin Luther wayesehlabelela ngelinye iphimbo. Ibhuku lakhe ashoshozela kulo ukuthi kuhlonywe kuhlaselwe, elisihloko sithi „… amaJuda namanga awo“, lize lifinyelele emaphuzwini ayisikhombisa angalandelwa kukhukhulela-ngoqo oqondene namaJuda:

[Funda: Martin Luther, „Von den Juden und ihren Lügen“ (1543)]:
Okokuqala: Izindlu ahlanganela kuzo ukuyokhonza nokuyokhulela, amaSinagogi, kanye nezikole zawo, akuthungelwe ngomlilo, kuthi kokungathungeleki kuthuthezelwe inhlabathi, kugqitshwe kungaphinde kubonakale lutho lwakho nanini nanini. Kwenziwe konke lokho ukudumisa iNkosi yethu nokuqhakamisa ukuKhristu; ukuze oPhezukonke abone ukuthi singamaKhristu thina, abone nokuthi lobu buphixiphixi nenhlamba nokukloloda kokweyisa iNdodana yakhe namaKhristu onkana asikubekezelelanga nòma sivumelane nakho.

Okwesibili: Amakhaya nemizi yawo adilizwe, agandaywe ngokunjalo, ngoba bayigila nakhona le mikhuba abayenza ezikoleni zabo. (…)

Okwesithathu: Abephucwe okuyizincwajana zemikhuleko nezemfundiso yenkolo yakubo, amathalimudi, abafunda kuzo le mbude namanga neziqalekiso nokweyisa.

Okwesine: Abefundisi bawo, oRabi, abenqatshelwe ukuqhuba le nkonzo yabo yokushumayela le mfundiso; lelo gunya selibalahlekele ngoba bakhungatha amaJuda ngokuwabophelela eMthethweni kaMosi – oqhubeka ngenkani abulawe.

Okwesihlanu: Imvume yokuhamba emgwaqweni neyokuzihambela-nje ezweni awephucwe yona ngoba akukho okuwalahlekele lapha phandle, awasenalungelo lokuba ngabanumzane, neziphathi-mandla noma lokuba umhwebi nokunjalo; awahlale endlini. (..,)

Okwesithupha: Awenqatshelwe ukukhwabanisa kuthi nokuyimadlana – izinhlamvana zesiliva negolide – ephucwe, kuyolondolozwa. Isizathu salokho nasi: Konke abanakho, bakuntshontshé kithi ngobuqili nokukhwabanisa, okuyiwona wodwa-nje msebenzi abawaziyo (…)

Okwesikhombisa: Amantombazanyana nezinsizwana zakhona zinikwe igeja, nezembe, ipiki nefoshela; zikujulukele ezikudlayo. (…)

+

                          Autor:

Zwanzig Jahre später, 1543, schlägt Luther einen völlig anderen Ton an. Seine Hetzschrift „Von den Juden und ihren Lügen“ gipfelt in einem Sieben-Punkte-Plan zur Eliminierung des Judentums:

[Lesung: Martin Luther, „Von den Juden und ihren Lügen“ (1543)]:
Erstlich, daß man ihre Synagogen oder Schulen mit Feuer anstecke und, was nicht verbrennen will, mit Erde überhäufe und beschütte, daß kein Mensch einen Stein oder Schlacke sehe ewiglich. Und solches soll man tun unserm Herrn und der Christenheit zu Ehren, damit Gott sehe, daß wir Christen seien und solch öffentlich Lügen, Fluchen und Lästern seines Sohnes und seiner Christen wissentlich nicht geduldet noch gewilligt haben.“

Zum zweiten: daß man ihre Häuser desgleichen zerbreche und zerstöre, denn sie treiben ebendasselbe darin, das sie in ihren Schulen treiben. (…)

Zum dritten: daß man ihnen alle Betbüchlein und Talmudisten nehme, worin solche Abgötterei, Lügen, Fluch und Lästerung gelehrt wird.

Zum vierten: daß man ihren Rabbinen bei Leib und Leben verbiete, hinfort zu lehren, denn solches Amt haben sie mit allem Recht verloren, weil sie die Juden mit dem Spruch Moses’ gefangenhalten. (…)

Zum fünften: daß man den Juden das Geleit und Straße ganz und gar aufhebe, denn sie haben nichts auf dem Lande zu schaffen, weil sie nicht Herrn noch Amtsleute noch Händler noch desgleichen sind; sie sollen daheim bleiben. (…)

Zum sechsten: daß man ihnen den Wucher verbiete und ihnen alle Barschaft und Kleinod an Silber und Gold nehme und zur Verwahrung beiseitelege. Und dies ist die Ursache: alles, was sie haben, haben sie uns gestohlen und geraubt durch ihren Wucher, weil sie sonst kein andres Gewerbe haben. (…)

Zum siebenten: daß man den jungen starken Juden und Jüdinnen in die Hand gebe Flegel, Axt, Karst, Spaten, Rocken, Spindel und lasse sie ihr Brot verdienen im Schweiß der Nase. (…)“

*

Umlobi:
„AmaJuda namanga awo“ ngonyaka we-1543. UMartin Luther wayeseguqulé ngokwethusayo ingqondo yakhe kweziphathelene nabeNkolo yobuJuda. UNolwazi kwezoMlando ngezeNkolo uDorothea Wendenbourg naye – njengozakwabo uThomas Kaufmann – isizathu salokho usibona ekutheni isiKhuthali kwezokuCandulwa kwezeNkolo, uMartin Luther, sasesivamé ukuthukuthela nokudikibala masinya-nje kokuningi muva-nje sesiguga.
+

                                Autor:
„Von den Juden und ihren Lügen“ aus dem Jahr 1543. Luthers Judenbild hat sich also in zwei Jahrzehnten dramatisch gewandelt. Die Kirchenhistorikerin Dorothea Wendebourg sieht, ähnlich wie ihr Kollege Thomas Kaufmann, die Ursache vor allem in einer zunehmenden Verbitterung des alternden Reformators:

*

UDorothea Wendebourg:
Esinye sezizathu ngibona sengathi yikuthi uMartin Luther emva kweminyaka ethile ayiloba le ncwadi yakhe yangonyaka we-1523 ekhombisa ukuwahlangabeza ngomusa ngokwakungajwayelekile amaJuda, waqala ukuhlangabezana nokwazana okokuqala namaJuda nangokumenqaba kwawo uKhristu. Wayekade ekwazi njenzwabethi-nje. Kuthiwa wake waze wazizwela ngokwakhe ukuthi amaJuda uma ekhuluma ngoKhristu azikhulumela ngendlela okubonakala sengathi yayimthunuka kakhulu, ayeyithatha njengendelelo koPhezukonke, eyizwa iyinzondo konguMkhristu. (…) Wayekade enezivakashi – amaJuda ayekade emcelé ukuthi awalobele imvume [ngalezo zikhathi okwakudingeka ukuthi oyiJuda abe nayo uma ephuma ekhaya, etholakala endleleni, kukhona lapho eya khona]. Wathi-ke uMartin Luther: Ngiyayiloba! Wayesesayina „eGameni likaJesu Khristu“ njengoba onguSolwazi kwezeNkolo wayejwayele ukwenze njalo. Ayesethi-ke lapho amaJuda incwadi enjalo, elotshwé egameni lalona owagwetshwa wabethelwa, awayemukeli. Lokho-ke sengathi kwamthunuka kakhulu kabi uMartin Luther. Cha-ke kodwa, akusikho kodwa lokho.

Okunye kungaba ukuthi ekucubunguleni nasekuhlaziyeni kwakhe imiBhalo yeThestamente eliDala – wasebenza kakhule ekucubunguleni iThestamente eliDala kuneliSha eNyuvesi – wahlangabezana nendlela abeNkolo yobuJuda abalifunda balihlaziye ngalo iThestamente eliDala, eyayingahambi ize ifike kuJesu Khristu, indlela eyayingamphathi-nje uKhristu. Lokho-ke, njengoba sibona ezincwadini zakhe zangaleyo minyaka, kwaya kwaya kwamthukuthelisa kakhulu, ngoba wayenqena ukuthi lelo langabi lingagcina selihangulé nabeNkolo yobuKhristu (…). Okwesithathu-ke, ngokubona kwami okungathi yikhona kwakusemqoka: Ngokuhamba kwesikhathi uMartin Luther wayesephenduké kwaba nguyena osekubhekeké ukuthi ahlele, aqondise, alawule kweziphathelene nenqubo yenkonzo nanezifundiso eBandleni labakholwa ngeNqubo yeNguquko ezifundeni ngezifunda kwelakubo. Kulokho-ke – ebusheni bakhe wayethatha ngokuthi kufanele kukwazeke ukuthi abakholwa ngezinqubo ezahlukene, bahlalisane ngokuzwana njengomakhelwane esifundeni nasezweni linye; muva-nje uMartin Luther ubesebona ukuthi bonke bakhonze nganqubo-nye, babebandla-linye.

+

                      Dorothea Wendebourg:
Ein Grund scheint mir zu sein, dass Luther etliche Jahre nach seiner doch vergleichsweise judenfreundlichen Schrift von 1523 erstmals wirklich Bekanntschaft macht mit der Ablehnung von Juden gegenüber Christus. Das hat er immer gewusst, aber das war für ihn Theorie. Und er hat ein Erlebnis, dass Juden über Christus in einer Weise sprechen, die ihn offensichtlich zutiefst verletzt hat, die er als blasphemisch und, ja, christenfeindlich empfand. (…) Er hatte Besuch, von Juden, die ihn gebeten hatten, einen Passierschein auszustellen. Und er hat gesagt, ich schreib da was, und hat das im Namen Jesu Christi unterschrieben, wie man das als christlicher Theologe so tat. Und da haben sie gesagt, so einen Geleitbrief oder so eine Empfehlung wollen wir nicht haben, wenn das im Namen des Gehenkten ausgesprochen wird. Und das muss ihn persönlich sehr verletzt haben. Das ist aber sicher nur ein Faktor.

Ein anderer Faktor ist, dass er im Laufe seiner exegetischen Arbeit am Alten Testament – er hat ja viel mehr das Alte Testament ausgelegt an der Universität als das Neue – immer stärker in Kontakt gekommen ist mit der jüdischen Auslegungstradition, die eben nicht auf Jesus Christus hin lief, sondern die das Alte Testament unchristologisch auslegte. Das ist etwas, was ihn, das kann man an seinen Schriften zeigen, mehr und mehr verbittert hat, weil er wohl auch fürchtete, das könnte bei Christen zünden (…) Und dann als Drittes, in meinen Augen fast am stärksten: Er wird im Laufe der Zeit immer stärker zum Gestalter einer institutionalisierten evangelischen Kirche und institutionalisierter evangelischer Territorien. Und während er sich als jüngerer Mann noch vorstellen konnte, dass es da unterschiedliche Religionen gab, zwar nicht gleichberechtigt und so, aber in einem Territorium. Der späte Luther kann sich nur noch ein homogenes evangelisches Territorium vorstellen.

*

Umlobi:
Awazondela awazondisisele khona amaJuda uMartin Luther ukuthi awafuni ukwamukela uJesu „wakhe“ njengoMesiya. Imikhankaso yakhe yonke yokuthi ashunyayezwe, aphenduke, amaJuda yayisiyaphelela eze.
Kusenjalo-nje sekushona „uNokukhanya“ wakhe, indodakazi ayeyithanda kakhulu, uMadwaleni [uMagdalena], ngowe-1542 iseneshumi nantathu-nje leminyaka yobudala. UMartin Luther sabanzima kakhulu leso sililo kuze kube sekwedluleni kwakhe emhlabeni eminyakeni emine elandela lapho. Namuhla sesingathi wayesenolaka nenkani yobudala nòma-ke lokho kungesiso isinxepheziso enzondweni nasenhlambeni yakhe kwabeNkolo yobuJuda.

Le ncwadi yakhe eshoshozela uthuthuva yangonyaka we-1543 yashicilelwa kambalwa-nje, yayingakaziwa kakhulu esaphila. Kanjalo nasesikhathini esingamakhulu amathathu eminyaka eyalandelayo. Ngokumangalisayo uMartin Luther enkathini eyalandela lapho [1800-1900] wathola abalandeli ababemazisa kakhulu ikakhulukazi emaJudeni ayevumelana nezombuso wentando yeningi [republicanism] nangemibono evulekele inqubekela-phambili [liberalism]. UHeinrich Heine mhlawumbe ungomunye wababaziswa kakhulu kulabo. Kungenzeka ukuthi bonke laba babengazazi izincwadi zakhe ezazigqugquzela ukuthi amaJuda azondwe, ahlukunyezwe, …? Babezazi, kusho uMlobi noMshicileli uMicha Brumlik: Babezazi lezo zincwadi, beziziba.

+

                            Autor:
Vor allem nimmt Luther den Juden persönlich übel, dass sie „seinen“ Jesus nicht als Messias anerkennen wollen. Seine Aufrufe zur Judenmission sind folgenlos geblieben.

Zudem stirbt 1542 sein „Sonnenschein“, die geliebte Tochter Magdalena, im Alter von 13 Jahren. Luther wird diesen Verlust bis zu seinem eigenen Tod vier Jahre später nicht verwinden. Man würde heute wohl von einer Altersdepression sprechen, was Luthers Hasstiraden gegen die Juden freilich nicht entschuldigt.
Seine Hetzschrift von 1543 erlebt nur wenige Auflagen und wird zu Lebzeiten des Reformators kaum wahrgenommen. Dies gilt auch weitgehend für die folgenden drei Jahrhunderte. Im 19. Jahrhundert hat Luther interessanterweise unter republikanisch und liberal geprägten Juden glühende Verehrer. Heinrich Heine war vielleicht der berühmteste. Kannten diese seine judenfeindlichen Schriften etwa nicht? Doch, sagte der Publizist Micha Brumlik: Sie hätten diese Schriften zwar gekannt, aber vernachlässigt.

*

UMicha Brumlik:
Babevaleké amehlo, bekhohlisekile, becabanga ukuthi uMartin Luther uyingqalabutho kwabavulekele inhlalakahle nenqubekela-phambili emphakathini, okwakungafanelani neze nje-ke naye, njengoba sizizwele-nje nathi: Uthi konke abakwenzayo kufana nendelelo koPhezukonke. Osho njalo ngeke wamthatha njengengqalabutho kwabavulekele inhlalakahle nenqubekela-phambili emphakathini nanini nanini. UHeinrich Heine ngingamxolela kulokho ngokuthi kungenzeka ukuthi kuMartin Luther wayebona umcubunguli nomhlaziyi ongungqeqe kwezoLwimi (…) Kwabaningi abanye ababengamaJuda kwelaseJalimane ngalezo zikhathi kuyadabukisa ukuthi babeziziba izigqinamba eziningi ikakhulukazi ngoba bezama ukusheshe bemukeleke [badedelwe bangene kulo mphakathi obaqhukulushayo] (assimilation).

+

                             Micha Brumlik:
Diese Leute waren schlicht und ergreifend verblendet, die waren der Meinung, dass Martin Luther ein Früh-Liberaler gewesen ist, was man beim besten Willen nicht behaupten kann. Denn, wir haben es ja gehört: Er sagt, dass das alles irgendwie etwas mit Blasphemie zu tun hat. Und wer das sagt – ein Früh-Liberaler ist er nicht gewesen. Heinrich Heine würde ich damit entschuldigen, dass er natürlich in Luther den genialen Sprachschöpfer erkannt hat (…) Und bei einem Rest der deutschen Juden muss man leider sagen, dass sie aus einem gewissen Assimilationswillen heraus einfach Sachen abgeblendet und verdrängt haben.

*

Umlobi:
Imibhalo kaMartin Luther efafaza inzondo negqugqumezela ukuhlunyezwa kwamaJuda ivunjululwé yanikwa ishashalazi elisha ngokungena kwabombuso wobandlululo nendluzula wobuNatsi [Nationalsozialismus/Nazismus] – ikakhulukazi lombhalo othi „AmaJuda namanga awo“. Kwababekhuthalele ukuwufafaza lo mbhalo kwakunoSolwazi kwezeNkolo ngokwaseLuthela njengoMbhishobhi waseLuthela esiFundazweni saseThüringen, uMartin Sasse. NgoNovemba kowe-1938, emasontweni amabili-nje emva kokuhlaselwa kwamaJuda kuzwelonke nokushiselwa amakhaya nezindlu okukhonzelwa kuzo [okwakugqugquzelwe ngabaphathi bombuso wamaNatsi], uMbhishobhi uMartin Sasse wagxoba wasakaza incwajana enesihloko esithi „uMartin Luther namaJuda: Awashabalale/Awanyamalale!“. Yagxotshwa yasakazwa vabayikhulu lezinkulungwane [100.000] leyo ncwajana. UMbhishobhi uSasse wayebhalé wathi lapho:

+

                        Autor:
Luthers judenfeindliche Schriften erlebten ihre Renaissance erst mit dem Aufkommen des Nationalsozialismus‘. Das betraf vor allem die schlimmste: „Von den Juden und ihren Lügen“. Zu ihrer Verbreitung trugen auch evangelische Theologen bei, wie der Landesbischof von Thüringen, Martin Sasse. Er veröffentlichte im November 1938, zwei Wochen nach der Reichspogromnacht, ein Broschüre mit dem Titel „Martin Luther über die Juden: Weg mit ihnen!“. Sie erschien in einer Auflage von 100.000 Exemplaren. Bischof Sasse schrieb darin die folgenden Zeilen:

*

[Funda: uMartin Sasse, „uMartin Luther namaJuda: Awashabalale/Awanyamalale!“ (1938)
„Kulo mzuzu ake kuzwakala izwi lensizwa eyathi njengomphrofethi wamaJalimane ezikhathini eziphambili [1500-1600] ngenxa yokungazi yaqala ngokuba ngumngani wamaJuda, okwathi lapho isiqhutshwa ngunembeza nangolwazi nangesimo emphakathini eyayiphila kuwo, yaphenduka yaba ngubhongoza kwabazonda amaJuda ngalezo zikhathi – inhlabamkhosi, umxwayisi wesiZwe ngamaJuda.“

+

                         [Lesung: Martin Sasse, „Martin Luther über die Juden: Weg mit ihnen!“ (1938)
„In dieser Stunde muss die Stimme des Mannes gehört werden, der als der Deutschen Prophet im 16. Jahrhundert aus Unkenntnis einst als Freund der Juden begann, der, getrieben von seinem Gewissen, getrieben von den Erfahrungen und der Wirklichkeit, der größte Antisemit seiner Zeit geworden ist, der Warner seines Volkes wider die Juden.“

*

Umlobi:
Ukukikizelwa nokushoshozelwa kwengqondo yobuNatsi [Nationalsozialismus/Nazismus] ngale ndlela kanye nemibhalo kaMartin Luther kuwumthwalo onzima emahlombe eBandla laseLuthela. ISinodi leBandla labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland, EKD] iyakubona lokho, ikuchaze ithi „[lena] yindima elokhu ingakaphethwa yokuthi amaSonto afunde ekwehlulekeni kwawo maqondana nobuJuda“. … Le ndlela yokulubeka lolu daba siyicaphuné kulo mbiko ebesesikhulumé ngawo ekuqaleni osihloko sithi „uMartin Luther namaJuda“ owethulwé yiSinodi le-EKD zili-11 kuNovemba nonyaka. Lo mbiko unamaphuzu alishumi nane. UNolwazi kwezoMlando wezeNkolo eBerlin uDorothea Wendebour akavumelani nalo lonke iphuzu elilapho:

+

                                 Autor:
Nationalsozialistische Huldigungen wie diese stellen noch immer, neben den einschlägigen Lutherschriften, eine weitere Bürde für die evangelische Kirche dar. Die Synode der Evangelischen Kirche in Deutschland, EKD, räumt dies offen ein und spricht von einem – Zitat – „bis heute nicht abgeschlossenen Lernprozess der Kirchen bezüglich ihres schuldhaften Versagens gegenüber dem Judentum“. Zitat Ende. Diese Formulierung stammt aus der eingangs erwähnten Kundgebung „Martin Luther und die Juden“, verabschiedet von der EKD-Synode am 11. November 2015. Insgesamt umfasst diese 14 Punkte. Die Berliner Kirchenhistorikerin Dorothea Wendebourg kann nicht allen zustimmen:

*

UDorothea Wendebourg:
Engikuthola kuwukwehluleka okukhulu [kulo mbiko] yilapho kuthiwa khona: „Inhlamba nochuku lukaMartin Luther emaJudeni ngokwengqondo yethu ngokwanamuhla kuphambene nenkolo koPhezukonke.“ Akusikho-nje „ngokwengqondo yethu ngokwanamuhla“. Ngingathi lapho, kwangalezo zikhathi eziphambili [1500-1600] kwakuphambene nenkolo koPhezukonke lokhu okusemibhalweni yonyaka ka-1543. Ukuhlanekezela umlando ngale ndlela angivumelani nakho.

+

                             Dorothea Wendebourg:
Was ich viel zu schwach finde ist, wenn es an einer Stelle heißt: „Luthers Schmähungen gegen Juden stehen nach unserem heutigen Verständnis im Widerspruch zum Glauben an Gott.“ Das ist nicht nur nach unserem heutigen Verständnis. Ich würde sagen, auch im 16. Jahrhundert standen die Sachen in den 1543er Schriften im Widerspruch zum Glauben an Gott. Also das kann man nicht so historisieren, das ist mir zu wenig.

*

Umlobi:
Uzakwabo eGöttingen, uThomas Kaufmann, uthikaziswa ikakhulukazi yiphuzu lesine:

+

                             Autor:
Ihr Göttinger Kollege Thomas Kaufmann stört sich vor allem an Punkt 4:

*

UThomas Kaufmann:
Hhm, uma ngikhuluma iqiniso, yileli kuphela-nje iphuzu engilithola liwumbhedo: „Esikhathini esandulela uMkhosi wokuNgena kweNguquko kwezeNkolo [Reformation] singewushalazele umlando weziphambeko zethu.“ Hhm, naseminyakeni emibili emva koMkhosi singewushalazele! Lolu daba sinqwamana nalo njalo – noma kunoMkhosi noma kungenaMkhosi. Ngakho-ke lokhu kudalula ukuzikhukhumeza okungenamqondo-nje, sengathi kuthiwa: E! Sifisa ukuzezenzela `iphathi´ [party] emnandi, sizijabulise, ngakho-ke asikhulume nje-ke nangalezo [zedlule].

+

                           Thomas Kaufmann:
Also, ehrlich gesagt, das ist der einzige Punkt, den ich richtig doof finde: „Im Vorfelde des Reformationsjubiläums können wir an unserer Schuldgeschichte nicht vorbeigehen.“ Ja, wir können auch zwei Jahre nach dem Reformationsjubiläum daran nicht vorbeigehen. Also, das Thema beschäftigt uns auch weiterhin – Jubiläum hin oder her. Also, das ist so ein bisschen, sozusagen, kleinkariert, so nach dem Motto: Naja, wir wollen doch ´ne super Fete haben, deshalb müssen wir das jetzt noch thematisieren.

*

UDorothea Wendebourg:
Nje-ke. Ingani phela lokhu kushiwo kuphindelelwa emalungiselelweni aloMkhosi, kuthiwa: „Ningagubha kanjani umkhosi kukho konke lokhu uMartin Luther akushoyo?“ Kungakho-ke i-EKD isiqhamuka ngokuthi: „Asiwuqhelise lo mthwalo [oyisithikamezo]!“

+

                               Dorothea Wendebourg:
Aber so ist es doch, weil in der Vorbereitung des Jubiläums bei jeder Gelegenheit gesagt wurde: „Aber ihr könnt doch nicht feiern, weil doch Luther das und das geschrieben hat.“ Und es war unvermeidlich, dass jetzt die EKD irgendwie gesagt hat: Wir müssen dieses Päckchen entsorgen.“

*

Umlobi:
„Ukuqheliswa kwalo mthwalo“ ngaphambi koMkhosi ngonyaka we-2017 sengathi akuzukuba lula. IBandla labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland (EKD)] sengathi loMkhosi wokuNgena kweNguquko kwezeNkolo ifuna ukuwugubha njengeNdumezulu kaWonkewonke, nòma oSolwazi noNolwazi abanjengoDorothea Wendebourg noThomas Kaufmann kade belokhu bekhuza, bexwayisa kulokho. I-EKD yesekwa ngabepolitiki nabomnotho: Bathi „uLuther yimboni [sidla ngaye]!“ [„Luther sells“]. Ithunzikazi ebusweni balomholi kwezenkolo – ikakhulukazi uchuku nenzondo kwabangamaJuda – balibona lingathikazisa igama elithi „Luther“-nje kuphela. KuseBandleni labeNkolo ngokweNqubo yeNguquko kwelaseJalimane [Evangelische Kirche in Deutschland (EKD)] ukuthi bakusukumele, bakukhuthalele ukuhlela ngemfanelo nangokuzwakalayo ukuxhumana kwabo noMartin Luther.

+

                                        Autor:
Die „Entsorgung dieses Päckchens“ dürfte mit Blick auf 2017 allerdings schwer fallen. Die Evangelische Kirche in Deutschland scheint das Reformationsjubiläum überwiegend als „Luther-Festspiele“ begehen zu wollen, auch wenn Experten wie Dorothea Wendebourg und Thomas Kaufmann hiervon stets abgeraten haben. Unterstützung erhält die Kirche von Politik und Wirtschaft: „Luther sells“ heißt es hier. Die Schattenseiten des Reformators – und vor allem seine Judenfeindschaft – schaden allerdings der „Marke Luther“. Es liegt an der evangelischen Kirche selbst, ihr Verhältnis zu Martin Luther in angemessener Form zu definieren.

*

Zum Autor:
Röck, Claus; Leiter der Redaktion „Religion und Gesellschaft, NDR Kultur

Zum Podium:
Wendebourg, Dorothea; Professorin für Kirchengeschichte an der Humboldt-Universität Berlin
Kaufmann, Thomas; Professor für Kirchengeschichte an der Georg-August-Universität Göttingen
Brumlik, Micha; Professor em. für Erziehungswissenschaften an der Johann-Wolfgang-Goethe-Universität Frankfurt am Main. Seit Oktober 2013 Senior Advisor am Zentrum Jüdische Studien Berlin-Brandenburg.

Quelle“Schwere Bürde für die Kirche. Luther und die Juden – eine Podiumsdiskussion”, in:  Norddeutscher Rundfunk – Religion und Gesellschaft, Glaubenssachen, Sonntag, 22. November 2015, 08.40 Uhr, http://www.ndr.de/ndrkultur/epg/Schwere-Buerde-fuer-die-Kirche,sendung451890.html

Übersetzung: Ben Khumalo-Seegelken, Projektleiter: biblia zuluensis .

4 Kommentare zu diesem Artikel bisher »

Kommentare zu »isiZulu/Deutsch: uMartin Luther namaJuda | Martin Luther und die Juden«

  1. Mbulazi,

    Greeting you in the living name of our Lord king,savor Jesus christ,Amen!

    It is my honor and great pleasure to be in your list of email contact. You’ve been feeding me with vital information to that need not to be forgotten. I am also from Pietermaritzburg – eMpolweni mission. If you take the road to New Hanover(eMshwathi)side Mpolweni is there just opposite with a train-station called “Cramond”.

    Now residing south of Johannesburg,Orange Farm. I’m a 2nd-year Bed- student … @Northwest University Vaal Campus. I’m a congregate of the O/farm-congregation under a new circuit called Southern Mission circuit in the Central diocese of ELCSA. Please don’t get tired of being my eye-opener.

    Best Regards
    Mbongeni Marvellous Zondi.

  2. Nondaba!

    Kuyangithokozisa ukuthi kuyemukeleka okuncane engikwedlulisela ukuthi sihlephulelane, sishiyelane khona, njengoba nami ngichathazelwa ngabaphambili. Asiqhubeke ngokwazisana nokubonelelana nokubambisana.

    Gagashe!

    nguBheni kaMkhulunyelwa noMaZungu wakwaKhumalo eBaQulusini
    eKwaMachanca eJalimane [Dr Ben Khumalo-Seegelken]
    http://www.biblia-zuluensis.de

  3. […] kwezomphakathi emhlabeni-jikelele okungazange kuguquke, kucandulwe kabusha, ekuthintaneni noMartin Luther noMcandulo […]

  4. […] °isiZulu/Deutsch: uMartin Luther namaJuda | Martin Luther und die Juden […]

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner