isiZulu/Deutsch: LIEBENDE | iziThandani
Einblick in unsere Werkstatt zur Bibelübersetzung: | Lunguza engosini yethu sihumusha ibhaybheli:
Biblia Hebraica – isiZulu – deutsch
unsere Werkstatt >> http://www.biblia-zuluensis.de/
isiHlabelelo seziHlabelelo | HOHESLIED
Le ncwadi emfushanyana iyinqolobane yemisho nezinkondlo ezixoxelana nezihlabelelana yona izithandani ezimbili, zikhululekile zingenamahloni. Ukuthola inqolobane enjena ebhaybhelini kwakuvame ukungemukeleki ngesasasa kwabaningi endulo; nanamuhla baningi abazinyezayo, babe namahloni uma kuvulwé le ncwadi. Uthando luvela kuMdali; izithandani zidumisa uMdali.
Die kleine Schrift ist eine Sammlung von Liebesliedern, in denen zwei Liebende ihre Empfindungen mit viel Poesie und ohne falsche Scham ausdrücken. Eine solche Sammlung mitten in der Bibel zu finden hat schon immer Erstaunen verursacht, und auch heute noch fühlen sich viele Leser peinlich berührt. Aber die Liebe zweier Liebender ist ein Geschenk Gottes, und ihr Ausdruck hat darum seinen Platz auch und gerade in der Bibel.
IsiHlabelelo seziHlabelelo sizwakala siyisaho esenanela umbiko wokuphethwa kwendalo yezulu nomhlaba esahlukweni sesibili kuGenesisi endimeni yamashumi amabili nantathu kuya kweyamashumi amabili nanhlanu (Gen 2,23-25). Uthando lwezithandani lungumfanekiso wothando loMdali ethanda isizwe sakhe (Jer 2,2; Ez 16; Hos 1-3) nolukaJesu ethanda ibandla (Efesu 5,25.31-32).
Man kann das Hohelied verstehen als ein staunendes Echo auf den Schluss des Schöpfungsberichtes in Genesis 2,23-25. Nach biblischem Verständnis ist die Liebe zweier Liebender aber auch ein Abbild der Verbindung zwischen Gott und seinem Volk (Jer 2,2; Ez 16; Hos 1-3) und zwischen Christus und seiner Gemeinde (Eph 5,25.31-32). Davon ausgehend wurde das Hohelied immer wieder auf die Beziehung zwischen Gott und seinem Volk Israel und zwischen Christus und der Kirche gedeutet.
Ekuhumusheleni esiZulwini sizamé ukuyihlela le ncwadi, sakha imisho ngendlela engezwakala kangcono kunendlela elotshwé ngayo ngolwesiHebheru, lapho kungabonakali khona ukwehlukana kwemisho ngabakhulumi bayo, kungekho nazimpawu zokuhlela izindima.
Jede Gliederung des Hohenliedes – zumal zur Übersetzung in eine so besonders konstruktierte Sprache wie isiZulu – kann nur ein Versuch sein, weil der hebräische Text keine Angaben über die jeweiligen Sprecher enthält. Die Übersetzung benutzt unterschiedliche Versmaße oder Rhythmen, um den Charakter der Liedersammlung anzudeuten und etwas von der Schönheit des Originals erkennen zu lassen.
Quelle/Umtapo: Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2 Seite 721; http://www.biblia-zuluensis.de/ezisematheni/255-isihlabelelo-sezihlabelelo/
Kommentieren