Der Prophet Jeremia | umPhrofethi uJeremiya

 isiZulu/Deutsch:  

Der Prophet Jeremia  |  umPhrofethi uJeremiya

 Einblick in unsere Werkstatt zur Bibelübersetzung: | Lunguza engosini yethu sihumusha ibhaybheli:

Biblia Hebraica   –   isiZulu   –   deutsch

unsere Werkstatt >> http://www.biblia-zuluensis.de/

 

Akekho kubaphrofethi ochaza ukwedlula uJeremiya ukuthi kunjani emphefumulweni walowo ozizwa ethunywé ngoPhezukonke ukuphaphamisa nokuxwayisa umphakathi, ememezela ngolaka nobunzima obuzayo.

Wie sonst bei keinem der Propheten erfahren wir bei Jeremia, wie es im Inneren eines Menschen aussieht, der seinem Volk im Auftrag Gottes derart Furchtbares anzusagen hat. 

UJeremiya wayephila esebenza eJerusalema kusuka ekupheleni kwenkathi yeminyaka engamakhulu ayisikhombisa [kubalwa kuhlehlwa] kuya ekuqaleni kwenkathi yeminyaka eyisithupha ngaphambi kwale nkathi esiphila kuyo [700 – 600 ph.Khr.] ngezikhathi zombuso wamakhosi oJoshija noJayakhimu noJoyakhini noZidkhiya.  Usebenzisa amazwi anzima ekukhonondeni kwakhe ngokuthi abakwaJuda base bephendukele ekukhonzeni izithixo zabezizwe, ugxeka futhi abacebileyo ngokucutha nokucindezela kwabo abampofu.  Uyabexwayisa abakwaJuda enkolweni yabo ayeyibona iwukuzikhohlisa-nje  – isisekelo sayo okwakuwuyindlela yokwethembela esakhiweni sethempeli nasekuqhutshweni kwenkozo eyayifana nokwethembela kwezomlingo.

Jeremia wirkte in Jerusalem Ende des 7. und Anfang des 6. Jahrhunderts v.Chr. unter den Königen Joschija, Jojakim, Jojachin und Zidkija. Mit bitteren Worten geißelt er die Hinwendung Judas zu fremden Göttern und das Unrecht, das die Reichen im Volk den Armen antun. Er warnt die Bewohner und Bewohnerinnen Jerusalems vor ihrem falschen Sicherheitsgefühl, dessen Grund ein fast magisches Vertrauen auf Tempel und Gottesdienst ist.

UJeremiya ukubona kusondela ngezinkani ukuwa kombuso uma isizwe singaphendukeli koPhezukonke ngokushesha. Lase lidumé ledlula emva kwempi nabaseAsirya okwakugciné kunqotshwe kuyo umbuso wakwaIzrayeli, uJeremiya usebona kusondela futhi „isitha esiqhamuka enyakatho“, ogama laso alaziwayo, esiyofeza isigwebo soPhezukonke ekujeziseni abakwaJuda nomuzi waseJerusalema.

Jeremia sieht das Ende unausweichlich kommen, wenn das Volk nicht zu Gott zurückkehrt. Die assyrische Gefahr, die dem Reich Israel den Untergang brachte, scheint zwar endgültig vorbei, doch sieht Jeremia schon einen neuen „Feind aus dem Norden“ heranziehen, der sich zunächst noch gar nicht mit Namen benennen lässt und der das Strafgericht Gottes an Juda und Jerusalem vollstrecken wird.

Inhlekelele yavela ngokuthi abaseBhabhiloni, ababekade behlasele okokuqala beholwa ngumbusi wabo uNebhukadinezari onyakeni wamakhulu amahlanu namashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa ngaphambi kwale nkathi esiphila kuyo [597 ph.Khr.] baze bafika emabaleni aseJerusalema, okwathi eminyakeni eyishumi emva kwalokho bagcine bewubhidlizile umuzi wonke waseJerusalema nethempeli lakhona akwasala tshe phezu kwelinye, bathumba ingxenye enkulu yezakhamizi, baziqhuba bazisa ekudingisweni kwelakubo eBhabhiloni.

Die Katastrophe bricht herein, als die Babylonier, die unter ihrem König Nebukadnezar 597 v.Chr. zum ersten Mal vor Jerusalem erschienen, zehn Jahre später Stadt und Tempel dem Erdboden gleichmachen und große Teile der Bevölkerung in die Verbannung nach Babylonien wegführen.

Akekho omunye umphrofethi ochaza ukwedlula uJeremiya ukuthi kunjani emphefumulweni walowo ozizwa ethunywé ngoPhezukonke ukuphaphamisa nokuxwayisa umphakathi, ememezela ngolaka nobunzima obuzayo.  Intshisekelo nenzondelelo ngesizwe sakubo kanye nendumazo yisizwe sakubo kwacishe kwambulala; intshisekelo nenzondelelo ngoPhezukonke amkhonzayo owayemethwesé umthwalo onzima kangaka ngobuphrofethi kwacishe kwamphambanisa ikhanda.

Wie sonst bei keinem der Propheten erfahren wir bei Jeremia, wie es im Inneren eines Menschen aussieht, der seinem Volk im Auftrag Gottes derart Furchtbares anzusagen hat.  Das Leiden an seinem Volk, mit seinem Volk und unter seinem Volk hat ihn fast umgebracht, und das Leiden an seinem Gott, der ihm einen solchen Auftrag gab und ihm dieses Prophetendasein zumutete, hat ihn fast irrewerden lassen.

Nòma kunjalo, uJeremiya wakwazi ukuhlaba umkhosi amemezele ngobuhle nomusa ozayo – wathi: le nhlekelele evele ayiyukugcina iyisiphetho sendlela yoPhezukonke nesizwe sakhe, wathi uSmakade uyobopha „iFindo eliSha lesiVumelwano“ nesizwe sakhe, imiyalelo yakhe akaseyikubaqophela yona etsheni, kodwa „iyoqoshwa enhlizweni nakunembeza“ (Jer 31,31-34).

Freilich durfte Jeremia auch ansagen, dass die gegenwärtige Katastrophe nicht das Ende aller Wege Gottes mit seinem Volk sein werde, ja, dass Gott einst einen „neuen Bund“ mit dem Volk schließen und ihm dabei das Gesetz nicht mehr auf Steintafeln, sondern „in Herz und Gewissen schreiben“ werde (Jer 31,31-34).

Abenkolo yobuKhristu babona empilweni kaJeremiya isibikezelo „ngomPhrofethi“ uJesu waseNazaletha ongahluphekanga-nje kuphela ngesizwe nanesizwe nasesizweni sakhe, kodwa owasihluphekela isizwe sakhe.    Ngokwenkolo yobuKhristu, ngokuhlushwa nokubethelwa kwakhe [uJesu] labopheka kabuso „[ne]Findo eliSha“ uJeremiya ayekade ekhuluma ngalo.

Die christliche Gemeinde sieht in der Gestalt Jeremias nicht zuletzt einen Hinweis auf den „Propheten“ Jesus aus Nazareth, der nicht nur `an´, `mit´ und `unter´ seinem Volk gelitten hat, sondern für sein Volk.  Aufgrund seines Leidens und seiner Kreuzigung ist, nach christlichem Bekenntnis, auch der „neue Bund“ geschlossen worden, von dem Jeremia gesprochen hat.

Okuqukethwe/Inhaltsübersicht:

Isinqumo kwahlulelwa iJerusalema nabakwaJuda (izahluko 1 – 25) | Das Gericht über Jerusalem und Juda   (Kapitel 1 – 25)

UmPhrofethi ezindla eyedwana ezabalaza | Die Einsamkeit des Propheten   15-17; 20

Isinqumo soPhezukonke sokwahlulela siqondiswé kwabezizwe (I) | Das Gericht Gottes über die Völker (I)  25

Kumelwene nabaphrofethi bamanga | Gegen falsche Propheten  26 – 29

Kumenyezelwa ngomusa ozayo neFindo eliSha | Künftiges Heil und neuer Bund  30 – 33

Isixwayiso esiqondiswé kubabusi nasemphakathini kwelakwaJuda | Warnungen an Könige und Volk von Juda  34 – 36

Ukuhlupheka kukamPhrofethi uJeremiya | Die Leiden des Propheten Jeremia  37 – 45

Isinqumo soPhezukonke sokwahlulela siqondiswé kwabezizwe (II) | Das Gericht Gottes über die Völker (II)  46 – 51

Isengezelelo: Ukubhidlizwa kweJerusalema | Anhang: Die Zerstörung Jerusalems  53

Quelle/Umtapo: Biblia Hebraica Stuttgartensia 2. Auflage; Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2  Seite 794; http://www.biblia-zuluensis.de/ezisematheni/268-umphrofethi-ujeremiya/

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner