uAmose | Amos

iziza, izivande, amasimu, amadlelo onke ... ...iziza, izivande, amasimu, amadlelo onke ... ...

isiZulu/Deutsch:  

uAmose  |  Amos

Einblick in unsere Werkstatt zur Bibelübersetzung: | Lunguza engosini yethu sihumusha ibhaybheli:

Biblia Hebraica   –   isiZulu   –   deutsch

unsere Werkstatt >> http://www.biblia-zuluensis.de/

Umphrofethi wokuqala intshumayelo yakhe esiyithola encwadini ebizwa ngaye, nguAmose wasemzanyanyana omncane kwelakwaJuda.  Ngokusho kwakhe, uSmakade wamlanda ekwaluseni, wambizela ekutheni ayoba ngumphrofethi enyakatho kwelakwaIzrayeli (Amose 7,15). Washumayela lapho maphakathi nesikhathi eside nesasinempumelelo sombuso weNkosi uJerobheyami wesiBili, okwakuseminyakeni yamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nesithupha kuya kwengamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nesithupha phambi kwale nkathi esiphila kuyo (786-746 ph.Khr.).  Umphakathi wakhona owawunethezekile kanye nabaholi nabefundisi bakhona wabasongela, ebaxwayisa ngesehlulelo sesijeziso soPhezukonke – impi nokudingiswa. Kwakungesikho ukuvivisana kwezizwe zizwana amandla okwamnika lelo so, ngoPhezukonke uqobo owayemembulelé lowo mbono wokuwa kombuso wasenyakatho kwelakwaIzrayeli (izahluko 7-9).

Der erste Prophet, dessen Worte uns in einem nach ihm benannten Buch überliefert sind, ist Amos aus einem Dorf in Juda. Nach seinen eigenen Angaben hat Gott ihn hinter der Herde weggeholt und als Prophet in das Nordreich Israel gesandt (7,15). Er trat dort etwa in der Mitte der langen und erfolgreichen Regierungszeit Jerobeams II. (786-746 v.Chr.) auf. Einer satten und selbstsicheren Gesellschaft samt ihren weltlichen und geistlichen Führern kündigte er das Strafgericht Gottes durch Krieg und Verbannung an. Nicht das Kräftespiel der Weltmächte gab ihm zu einer solchen Erwartung Anlass, sondern in Visionen hatte Gott ihm das Ende des Nordreiches gezeigt (Kapitel 7-9).

UAmose akabikezeli-nje kuphela ngolaka oluzayo, ubala nezizathu ezenza lungabe lusavikeleka: Umbuso phansi kwenkosi uJerobhewami wesiBili wawukade ulilethele amathuba okuthuthuka nokunotha elasenyakatho kwelakwaIzrayeli, okwaveza uguqoko olukhulu emphakathini.  Intela eyayisiphakeme kakhulu (uAmose 5,11-12) yenza ukuthi iziza namasimu namadlelo amaningi agcine esesezandleni zabambalwa-nje abaziswayo ababekade bevele bezimele kahle, iningi emphakathini laqhubeka libukelelwa, lihlaselwa ubumpofu nokuhlupheka. Lokho-ke kodwa kwakuphikisana noMthetho kaSmakade kanye namasiko nenqubo yenhlalakahle emphakathini.  Kungakho-ke uAmose ebasola, ebagxeka, ebasongela abanomnotho emphakathini ekucindezeleni nasekucutheni kwabo abampofu nabangenabani (uAmose 2,6-8; 3,9-10; 4,1; 6,1-7; 8,4-7).  Uyigxeka eyigxekisisa, ayibize ngeze leze, leyo ndela yokukhonza nokukhuleka ngoba iyaleya izwi loPhezukonke eligqugquzela ukubonelelana nobanjiswano njengezelamani emphakathini (uAmose 5,21-24).  Nezinye izizwe uAmose uzibekela lo mgomo (uAmose 1,3 – 2,3).

Amos verkündet nicht nur das kommende Gericht, sondern er nennt auch die Gründe, die es unabwendbar machen: Die Regierung Jerobeams II. hatte dem Nordreich eine Zeit wirtschaftlicher Blüte gebracht, die jedoch zu einer einschneidenden sozialen Umschichtung führte. Aufgrund einer hohen Steuerlast (5,11-12) sammelte sich der Grundbesitz zunehmend in den Händen einer einflussreichen Oberschicht, während die Landbevölkerung in Armut und Abhängigkeit geriet. Dies aber stand in Widerspruch zu allem, was Gottes Gesetz für die Ordnung des menschlichen Zusammenlebens fordert. Deshalb zieht Amos die neue Oberschicht in aller Schärfe wegen der Unterdrückung und Ausbeutung der Armen und Schwachen zur Rechenschaft (2,6-8; 3,9-10; 4,1; 6,1-7; 8,4-7). Er übt beißende Kritik an einem Gottesdienst, der zum Selbstbetrug wird, weil man gleichzeitig Gottes Forderung nach Gerechtigkeit und Geschwisterlichkeit mit Füßen tritt (5,21-24). Auch andere Völker werden von Amos an diesem Maßstab gemessen (1,3-2,3).

Okuqukethwe | Inhaltsübersicht

Ukubikezelwa kwesehlulelo sesijeziso phezu (kwelasenyakatho) nelakwaIzrayeli (izahluko 1-6)

Ankündigung des Gerichts über (das Nordreich) Israel  (Kapitel 1-6)

Imibono nokwethwasiswa komphrofethi  7-9

Visionen und Ausweisung des Propheten  7-9

Ukwethembela ekuhlengweni okuzayo  9

Ausblick auf künftiges Heil  9

Quelle/Umtapo: Biblia Hebraica Stuttgartensia 2. Auflage; Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2  ikhasi|Seite 949; http://www.biblia-zuluensis.de/

© Ben Khumalo-Seegelken, https://www.benkhumalo-seegelken.de/

Kein Kommentar zu diesem Artikel bisher »

Kommentieren

Hinweis: Mit der Nutzung dieses Formulars erklären Sie sich mit der Speicherung und Verarbeitung Ihrer Daten durch diese Website einverstanden. Wir speichern keine IP-Adressen bei Kommentaren.
Bitte beachten Sie die Datenschutzerklärung.

Erlaubtes XHTML: <a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong>

WordPress Cookie Hinweis von Real Cookie Banner